Umqansa ongakhwelwa mbongolo lo obhekene neChiefs

Umqansa ongakhwelwa mbongolo lo obhekene neChiefs
Abadlali beKaizer Chiefs
UMBONO
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

I-Al Ahly yase-Egypt, ezobhekana neKaizer Chiefs kowamanqamu weCAF Champions League, kwaziwa kahle ukuthi iwumqansa ongakhwelwa mbongolo. Lokho kwaziwa e-Afrika yonke.

Leli qembu eliqeqeshwa uPitso Mosimane, odabuka eNingizimu Afrika, liyayidedela induku.Lokho kufakazelwa wukuthi seliphakamise indebe yeChampions League amahlandla ayisishiyagalolunye.

Kuyazicacela nje ukuthi Amakhosi azoya kowamanqamu eMorocco ngoJulayi 17, enganikiwe nelincane ithuba lokubuya nendebe yeChampions League. Azifanela nje nemvu yomhlabelo.

Mhlawumbe kodwa kukhona okunganika abalandeli beChiefs ithemba lokwenza into engalindelekile kulo mdlalo wamanqamu. Le Chiefs okukhulunywa ngayo kwakungabhekiwe nokuthi idlule esigabeni sokuqala semidlalo yeChampions League, ingasabalwake eyokufika emidlalweni yamaqoqo.

Izabalazileke iChiefs yaze yafika kowamanqamu okuyinto ehlule ngisho iqembu elinabadlali abasezingeni eliphezulu kakhulu, iMamelodi Sundowns. Lokhu kuchaza kona ukuthi mhlawumbe indebe yeChampions League ibhalwe igama leChiefs kulokhu.

Phela Amakhosi sekuyinto angayazi ukusayinisa abadlali, abezabalaza ngalokhu anakho. Ngake ngezwa kuthiwa kudala izwibela labulala indlovu.

Ngisho lo mndondoshiya wesilwane ovele ube yintuthwane uma ume eduze kwaso. Nakhoke phela kuthiwa intuthwane leyo yake yayiqumba phansi indlovu, ugqinsi lwezinyawo lwabheka phezulu, kwathamba umboko wathi tobo.

FUNDA NALA: USirino uthi iyambambezela iSundowns njengoba esefuna ukuyodlala kwi-Al Ahly

Yafa nje kanjalo indlovu yansondo iyiswa kwagoqanyawo okuyintuthwane. Akufanele vele abalandeli beChiefs bajabule kuze kweqe baze bakhulume ngokuthi nabo bazoba nenkanyezi ejezini labo ngoba i-Al Ahly ingabahlaza.

Kodwa mhlawumbe okumele kujatshulelwe eNingizimu Afrika ukuthi iChiefs ikwaze ukufika kowamanqamu ixhugela, yaze yaba yisizathu sokuqinisekisa ukuthi kuzohlale kunamaqembu amane aseMzansi emiqhudelwaneni yeCAF kule minyaka eyisishiyagalombili ezayo.

Ukuwina kweChiefs iChampions League sekungaba yibhanseli nje, nebhonasi okungekho noyedwa umlandeli wayo ongathi ubeyilindele. Awahambe Amakhosi ayodlala owamanqamu weChampions League okokuqala emlandweni wawo.

Kwazi bani! Mhlawumbe okuwucilo kungathuka kuzithi qhu endukwini, ibuye ishayela phezulu iChiefs. Okubaluleke kunakho konke njengamanje ukuthi i-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns neChiefs, benza iNingizimu Afrika ihlonipheke enhla ne-Afrika uma kukhulunywa ngonobhutshuzwayo.

Laba abasithatha kancane laphaya ko-Egypt, Morocco naseTunisia sebezogawula babheke uma bebhekene namaqembu aseMzansi. Sesikhombisile ukuthi iligi yethu ayinkulu ngegama kodwa siyayidlala ingqamu, futhi sisazobabonisa.

Mkhulu umqansa futhi zimbalwa izimbongolo ezingazidela amathambo zithi zona zizowukhwela noma kanjani. Nokho iChiefs ingase imangaze abaningi ngokuwukhwela ize ifike esicongweni sawo.

Uyakhweleka uma inhlanhla ingakuwe. Ngabe iChiefs ingaba yileyo mbongolo enenhlanhla iwuqwale?  Shwiii!!

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.