Umqansa oqwalekayo lo obhekene neSundowns kwi-Ahly

Abadlali beMamelodi Sundowns
UDABA: OKADONGA GUMBI
ISITHOMBE: TWITTER

Sithanda ukuba nzima isimo esibhekene neMamelodi Sundowns njengoba izozama ukuphendula amatafula isathi iyadla i-Al Ahly kwiCAF Champions League. ISundowns iya emdlalweni womlenze wesibili ozoba seLucas Moripe Stadium ilandela ngemuva ngamagoli amabili. Yashaywa ngo 2-0 emlenzeni wokuqala ekuhambeni eGibhithe.

Manje ukuze idlulele phambili kulo mqhudelwano, kumele ishaye amagoli amathathu, bese ingangenelwa nayelilodwa. Esimweni esinjena, abaqeqeshi bayaye bebe nenkinga ngendlela okumele badlale ngayo.

Ngabe bagxila ekuhlaseleni zisuka nje? Lokhu kungenza bagcine bevuleka emuva bese i-Ahly – eyingozi uma iya phambili – ithole intuba ibalimaze. Noma baqaphisise emuva bese behlasela ngokuzuma?

Cishe le mibuzo beyibaqwashisa abaqeqeshi beMamelodi Sundowns abaholwa nguManqoba Mngqithi ngaphambi kwalo mdlalo. Okuheha kakhulu wukuthi ebhentshini lezitha kuzobe kuhleli umuntu owazi kuhle kwentende yesandla sakhe amaBrazilians, uPitso Mosimane.

Phela cishe bonke abadlali abakwiSundowns njengamanje basayinwa wuye uMosimane esekuleli qembu alishiye ngasekuqaleni kwale sizini. Ukuthi uyayazi iSundowns kubonakale emlenzeni wokuqala la beyiyeke khona yadansa yadela ngebhola, bona benza okubalulekile – ukunamathisela ibhola enethini.

“Sinomsebenzi omkulu wokuqinisekisa ukuthi ekupheleni komdlalo sithola umphumela esiwudingayo,” kusho uMngqithi ngaphambi kwalo mdlalo. Nginethemba elikhulu lokuthi uma sikwenza kahle konke, sigxila emdlalweni, silungise amaphutha esawenza.

“Uma singawenzi lawa maphutha anjeya, siyayiwina imidlalo. Namanje ngisajabule ngendlela esadlala ngayo. Ngabona iqembu lidlala kahle eCairo, futhi angikholwa wukuthi sake sadlala kahle kanjeya ekuhambeni.

“Saba nebhadi nje ukungenelwa amagoli. Ngokwami, ngeke uphathe umdlalo kanjeya eCairo uma ungadlali kahle,” kuchaza uMngqithi.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.