Umqeqeshi uvuma ukushaya udaka kweBanyana, ubonga amaphuzu

UDesiree Ellis weBanyana Banyana
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, uyavuma ukuthi abadlalanga kahle ngesikhathi bebhekene neBurundi ngoLwesine kodwa ujabulela amaphuzu amathathu.

INingizimu Afrika ishaye iBurundi ngo 3-1 emdlalweni weWomen’s Africa Cup of Nations kodwa ilahle inqwaba yamathuba abengayenza iwine ngembudlu yamagoli. Ukuwina kweBanyana kwenze yazibekisela indawo kuma-quarterfinal yize isazodlala neBotswana emdlalweni wokugcina wamaqoqo.

“Besinakho okwanele enkundleni ukuthola umphumela kodwa isikhathi esiningi besishaya siqondise ngqo kunozinti,” kusho u-Ellis.

“Sihlale sifuna ukwenza kangcono emdlalweni ngamunye kodwa namuhla asenzanga neze kahle. Nokho umphumela ubaluleke kakhulu kithina.”

IBanyana ibifika njalo emapalini eBurundi kodwa ukugeja, ukutatazela nokungaphasi kwabanye abadlali, bekuyenzela phansi kakhulu. U-Ellis uphikile ukuthi bekukhona nokuyeya iBurundi.

“Asikaze siyenze leyo nto yokuthi kube khona iqembu esilithatha kancane. Ngesinye isikhathi besidlala ibhola elihle kodwa ngesinye besingalidlali,” kusho u-Ellis.

“Alikho iqembu esileyile. Izinguquko esizenzile eqenjini lethu bezifanele. Besifuna ukuphumuza abanye abadlali. Laba ebesinabo enkundleni bekumele badlale kangcono.

“Sigeje amathuba amaningi kakhulu futhi bekungeyena umuntu oyedwa, bonke nje abadlali bethu abahlaselayo. Nokho ukuwina kuhlale kuyinto enhle, sinomdlalo omunye okumele siwudlale.

“Sizowuhlelela kahle lowo mdlalo sizame ukuba yimiqemane ngaphambi kwawo. Ngokwami sisabeke unyawo olulodwa kuma-quarterfinal futhi akusho ukuthi sekuqondile. Kumele senze isiqiniseko sokuthi senza kahle emdlalweni olandelayo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *