Umqeqeshi we-Al Ahly ufisa ahlle uTau, kodwa abalandeli…

Umqeqeshi we-Al Ahly ufisa ahlle uTau, kodwa abalandeli...
UPercy Tau we-Al Ahly okuthiwa akasahlalisekile kuyo ngenxa yabalandeli
Sbongs Gumbi

Ukuhamba kukaPitso Mosimane kwi-Al Ahly kwasusa izinsolo zokuthi noPercy Tau uzomlandela maduze kwazise naye abalandeli baleli qembu abamuzwa.

UTau waya kuleli qembu ngoba elandela uPitso ababesebenza naye besekwiMamelodi Sundowns phambilini ngaphambi kokuthi phesheya.

Ngemuva kokuhamba kukaPitso, uTau kuke kwanemidlalo abengangeni ngisho ebhentshini kuyo kodwa kweminye abe khona.

Nokho Impempe seyithole ngomthombo wayo ose-Egypt ukuthi umqeqeshi omusha we-Al Ahly uRicardo Suares uyamthanda lo mdlali.

“Sizwile nje nathi izinkulumo zokuthi uTau angase ahambe. Kodwa asazi ukuthi zivelaphi ngoba usenenkontileka,” kusho lo mthombo.

“Umqeqeshi omusha ufike wamncoma uTau, wamtshela ukuthi uyamazi futhi engafisa ahlale ngoba ungomunye wabadlali abathembile ukwakhela phezu kwabo.

“Nokho kuyaziwa ukuthi akahlalisekile kahle ngenxa yomsindo wabalandeli okungamenza agcine ecele ukudedelwa.

“Kodwa engikuzile wukuthi umqeqeshi uthe usafuna ukumnika ithuba bahlale phansi bobabili babonisane ukuze ahlale uma efuna, uma engasathandi adedelwe kahle,” kuqhuba lo mthombo.

Okungenza uTau afise ukushiya kuleli qembu wukuthi abalandeli balo banokuphuma naye iqhubu uma izinto zingahambi kahle.

FUNDA NALA: UKelly Khumalo ucasule abalandeli ethi uSenzo Meyiwa waduma ngaye

UTau usasalelwe yiminyaka emibili kwinkontileka yakhe kanti sekuvele ukuthi kunamaqembu ambhekile uma ededelwa kuyo.

Impempe ike yabika phambilini ukuthi i-Orlando Pirates yiyona ephambii ekutheni imthole uma kwenzeka ededelwa.

Nokho sekubuye kwavela ukuthi neCape Town City izibhekile kuye njengoba imnunusela ngokuyodlala kwiCaf Confederation Cup uma eza kuyo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.