Umqeqeshi weBafana ucasulwa yinqumo yePSL

UHugo Broos
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi  weBafana Bafana, uHugo Broos, uwukhomba kwiPremier Soccer League (PSL) umunwe ngokuphazamiseka kwemidlalo asuke eyihlelele iqembu lesizwe.

Lo mqeqeshi uveze ukuthi sekukaningi ephoqeleka ukuhlehlisa imidlalo yobungani yeBafana, ngesikhathi ekhuluma neSAFM ngoLwesibili. Ukhala ngokuthi okubuhlungu ukuthi lokhu kwenzeka nje kusuke kuyizinsuku zemidlalo yeFifa.

“Sizama ukuthola umdlalo wobungani ngemuva komdlalo weMorocco, ukuvala igebe elivuleke ngokubhuntsha komdlalo neZimbabwe,” kusho uBroos.

“Kunamazwe abefuna ukudlala nathi ekupheleni kukaMeyi, okubalwa kuwona i-Iran neBrazil. Kodwa bengingenabo abadlali ngoba iligi ibisaqhubeka.”

INingizimu Afrika izobhekana neMorocco emdlalweni obalulekile wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), eMoulay Abdallah Stadium, ngoLwesine.

“Kodwa iMorocco yona ikwazile ukudlala ne-USA ngesonto eledlule ngoba abadlali bayo bebetholakala. Bese sihlele ukudlala ngoJuni 3 noma 4 kodwa iqembu lase-Afrika bese linemidlalo namanye amazwe.

“Njengamanje sibheke ukuthola izimbangi esizodlala nazo ngoJuni 13 noma 14. Nangonyaka odlule ngesikhathi ngifika eNingizimu Afrika ngazama ukuhlela umdlalo wobungani kodwa ngathola ukuthi kunomdlalo weligi ngesikhathi sezinsuku zeFifa.

“Kwadingeka ukuthi ngikhohlwe yilowo mdlalo futhi ngangidinwe kakhulu. Yinto engingayiqondi nakancane lena.”

Imidlalo yeDStv Premiership ka-2021/2022 igoqwe sekudlule isikhathi ngenxa yokuthi i-Orlando Pirates ibiyibambe emidlalweni yeCAF Confederation Cup.

“Nakulo nyaka iligi ihlele umdlalo we-Orlando Pirates neSuperSport United  ngesikhathi seFifa, futhi bekumele ngilwe ukuze bashintshe lokhu.

“Bese uyazibuza ukuthi, senzani kanti lapha bakwethu? Kuwo wonke amazwe imidlalo yeligi isongwa ngesikhathi.”

UBroos ubukeka esazoxabana nePSL ngoba uma isithatha izinqumo izicabangela yona ayiyingeni indaba yeSafa.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.