UMQEQESHI WEBAFANA: usekhona ngampela, igama lakhe kuHugo Broos

UHugo Broos

OKADONGA GUMBI

Sekugcine kuqinisekisiwe ukuthi umqeqeshi odabuka eBelgium, uHugo Broos nguye ozoqeqesha iBafana Bafana.

Lokhu kuqinisekiswe yiSAFA emahhlvisi ayo eNasrec, eGoli ngoLwesithathu emini. Lo mqeqeshi akalona ivukane futhi unomlando omuhle kwezikuqeqesha.

Lo mqeqeshi uhlalelwe wunsebenzi onzima wokuhlanganisa iqembu eliqinile elizokwazi ukungena kwiNdebe yoMhlaba eQatar ngonyaka ozayo.

IBafana iqhathwe eqoqweni elinzima njengoba ineGhana, Zimbabwe ne-Ethiopia okumele idlule kuwo emidlalweni yokuhlunga.

“Isigingu esiphezulu (seSAFA) sivunelane ngoHugo Broos oseke waqeqesha iCameroon phambilini.

“Nguyena ke umqeqeshi omusha weBafana Bafana,” kusho isikhulu esiphezulu kwiSAFA, uTebogo Motlanthe.

Nokho ukwethulwa kwakhe akuzange kuhambe kahle, okuyinto vele ongayilindela kwiSAFA.

Le nhlangano imeme abezindaba ukuba beze eNasrec khona bezozibonela mathupha umqeqeshi, kodwa balinde kwamuncu izinqe belindile.

Kuthe kusenjalo, babona sekuvela kumabonakude ukuthi iSAFA seyigijime yaya khona yaayimemezela lo mqeqeshi.

Futhi uqashwa nje akucaci ukuthi kwenzakalani ngoMolefi Ntseki obephethe lesi sikhundla.

UNtseki waxoshwa ngemuva lokuhluleka ukufaka iqembu kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON) kodwa kuleli viki kuvele ukuthi iSAFA yabuye yakuhoxisa ukuxoshwa kwakhe.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *