Umqeqeshi weBrighton weneme ngokufika kukaTau

Mthokozisi Mncuseni

UKUZILUNGISELELA inselelo yokubhekana nobunzima be-English Premiership, yinto uPercy Tau weBrighton and Hove Albion asenesikhathi ayiqala.

Uma kungukuthi inkulumo kaGraham Porter opheka iBrighton ishaya khona, maningi amathuba okuthi uTau abonakale okokuqala koweligi ngoLwesithathu neManchester City ekuhambeni.

Lo mdlali weBafana Bafana ubevele engoweBrighton kodwa ukuqina kwemithetho ngokusebenza e-England kuphoqe ukuthi abolekiswe emaqenjini ahlukene eBelgium.

Nokho iphinde yathanjiswa imithetho wabuyela eqenjini lakhe kanti usedlale nomdlalo. Ungene esiwombeni sesibili benqoba ngamaphenathi kwiNewport koweFA Cup.

“Sijabule kakhulu ngokufika kukaTau. Sonke sekuvele kwaba sengathi kade samazi. Kulula ukumjwayela,” usho kanje uPorter ngoMsumbuluko elungiselela ukuya e-Etihad Stadium.

“Zincane kakhulu izinsuku sinaye uTau kodwa sonke sesibonile ukuthi uphetheni. Ube nebhadi wadlala umdlalo wakhe wokuqala endaweni enzima. Asijwayelekile isimo aqale ngaphansi kwaso kodwa uvele wenza yonke into yabukeka ilula.

“Sinabadlali abamqoka abalimele (Danny Welbeck, Tariq Lampty no-Adam Lallana)kumnandi ukwazi ukuthi unobuso obusha kodwa osebungene khaxa. Kunomfutho engingeke ngikwazi ukuwuchaza afike nawo uTau,” kusho lo mqeqeshi.

UTau uthe: “Kade ngaqala ukucijela i-EPL. UVincent Kompany obengiqeqesha kwi-Anderlecht kade aqala engilungiselela lesi sikhathi.”