Umqeqeshi weFrance udalula abadlali abathathu abasabayo kwiBafana

Umqeqeshi weFrance udalula abadlali abathathu abasabayo kwiBafana
UDidier Dischamps noNgolo Kante
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weqembu lesizwe laseFrance uDidier Deschamps usebalule amagama abadali abathathu ababona beyingozi kuleli qembu lakhe.

IBafana izogadulisana neFrance emdlalweni wokuzwana amandla eLille ngoLwesibili kusihlwa. Umdlalo uqala ngo-9pm.

“Ngazi kangcono abadlali abahlaselayo kwiBafana. U(Keagan) Dolly ungumdlali okumele umgade,” kusho uDeschamps.

“Abanye ababili abadlala phambili, o(Victor) Letsialo no(Evidence) Makgopa nabo bayingozi impela,”  kusho yena.

Nokho laba badlali ababanga nosuku oluhle ngoLwesihlanu iBafana ibhekene neGuinea komunye wokungcwekisana eBelgium.

UDolly, ogijima kwiKaizer Chiefs, wahlulwa amathuba amahle kulo mdlalo kanti noMakgopa naye wawathola ayengawasebenzisa. ULetsoalo yena wangena umdlalo usuzophela.

UDischamps uthe ubebathumele abantu abebeyobheka iBafana ngesikhathi idlala neGuineaaphinda waveza isizathu esenza badlale naleli qembu elingayi naseNdebeni yoMhlaba.

FUNDA NALA: Abalandeli beChiefs bajabulela ithuba lokuyozibambela mathupha olukaBaxter

“Impela kunjalo, besinabo abantu abaya ukuyobuka umdlalo weBafana. Kodwa angikholwa wukuthi kuzodlala abafana abafanayo kulo mdlalo weFrance.

“Yize kuwumdlalo wokuzwana amandla nje, sizilungiselela iNdebe yoMhlaba thina. Lo mdlalo uyithuba lokuthi sibhekane nezwe lase-Afrika, okuyinto esingajwayele ukuyenza.

” Ukwenza isibonelo nje, sagcian ukudlala neNingizimu Afrika eNdebeni yoMhlaba ngo-2010. Kungenzeka ke siqhathwe neqembu lase-Afrika eNdebeni yoMhlaba elandelayo.

“Lelo qembu kungenzeka lidlale ngendlela efanayo neNingizimu Afrika ngakho lo mdlalo uzosisiza kakhulu,” kusho yena.

IFrance iyona engompetha beNdebe yoMhlaba abazobe beyoyivikela eQatar ngasekupheleni konyaka.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.