Umqeqeshi weGallants uchaza ngokungayi emdlalweni wezakhe neSwallows

URomain Folz ocija iMarumo Gallants
Sihle Ndlovu

Uqeqeshi weMarumo Gallants, uRomain Folz, useveze okumenze wangaya emdlalweni waleli qembu ngemuva kwemidlalo emihlanu kuphela ebambe izintambo.

Lo mqeqeshi uyena omncane kunabo bonke kwiDStv Premiership njengoba eneminyaka engu-32. Uveze ukuthi abaphathi beGallants bebegxambukela emsebenzini wakhe yikho nje ekhethe ukungayi emdlalweni wangeSonto ePeter Mokaba Stadium.

“Ngizokutshela okuyikona okwenzekile. Into eyenzekile ukuthi abaphathi beqembu bazame ukungiphoqa ukuthi ngishintshe isikimu sami,” kusho uFolz kwiLaduma.

IGallants ibizodlala neSwallows FC ngeSonto kanti uFolz uqhamuke ebhalwe njengomsizi womqeqeshi nokuphethe ngokuthi angabi khona nhlobo emdlalweni.

“Bazame ukushintsha isikimu sami futhi ngitshelwe ukuthi kukhona okuzokwenzeka uma ngingakwenzi lokho. Ngitshelwe ukuthi iphini lomqeqeshi yilona elizobamba izintambo uma ngingavumi abakushoyo, ngathi kulungile ngoba lokho akukho kwinkontileka yami.

“Ngiphoqiwe ukufaka abadlali abebeshiwo abaphathi beqembu kodwa ngala. Lokhu akukho kwinkontileka yami ngakho lokhu ebengikutshelwa bewukudelela inkontileka yami. Bekulindeleke ukuthi ngivume abantu baqoke iqembu kanti lokhu akukho kwinkontileka yami.”

IGallants idlale ngokulingana ngo 1-1 neSwallows kulo mdlalo. Leli qembu alikawini nowodwa umdlalo kweyisithupha yeligi eseliydlalile. Lisadlale ngokulingana kahlanu lase lishaywa kanye.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *