Umqeqeshi weRichards Bay uchaza eyokulandwa kukaVasili

UVasili Manousakis, uPitso Dladla noRonnie Gabriel
Alfred Ngubane

UPitso Dladla ongumqeqeshi weRichards Bay FC, ubona ithuba lokucathula kuVasili Manousakis ngoba yena unamava okuqeqesha kwiDStv Premiership njengoba ubeyiphini lomqeqeshi kwiCape Town City nakuMaZulu FC ngaphansi kukaBenni McCarthy.

“Yimina engicele kubaphathi beqembu ukuthi basondeze uManousakis,” kusho uDladla.

Lo mqeqeshi uphinde waveza ukuthi basathungatha umgadli obukhali kula mazwe  angasenhla ne-Afrika. Uphinde wacacisa ngokungabonakali kukaLuvuyo Memela osanda kumenyezelwa kuleli qembu  ukuthi uzobonakala maduze .

“Ubengekho ngoba sisafuna ukumnika ithuba lokwazana kancono nabanye abadlali,” kusho yena.

Ephetha uDladla uthe bazodlala umdlalo wabo olandelayo ekhaya ngakho bafuna ukuqinisa kakhulu ekucosheni amaphuzu kule midlalo yasekhaya. Ekuhambeni bazolwela ukuthi bawacoshe nakhona ngoba badinga amaphuzu azokwenza iRichards Bay izinze kahle.

“Sisebenza manje kusesekuseni ngoba kumele kushaye isikhathi sokukhathala kwabadlali sesiwaqoqile amaphuzu esiwadingayo.”

INatal Rich Boyz iyiqale kahle imidlalo yePremiership ngokushaya iLamontville Golden Arrows ngo 2-0 ePrincess Magogo Stadium, ngoMgqibelo.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.