Umqeqeshi weTuks ufuna ‘bashaye isidudla’ kanzima kwiChampionship

UTlisane Motaung
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi we-University of Pretoria, uTlisane Motaung, bazozama ukuqinisa iqembu ukuze babuye ngamandla ngesizini ezayo.

Usho lokhu ngemuva kokuthi beshaywe yiSwallows FC ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wokuhlunga eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ntambama.

Ukushaywa kweTuks kuchaza ukuthi ihlulekile ukunyukela kwiDStv Premiership. Igoli eliweze iZinyoni lishaywe uYagan Sasman kwaphela kanjalo ngephupho lezikaMotaung.

“Ibhola linjaloke. Nakanjani kukhona abadlali abazoshiya iqembu ngoba sebezitholele amadlelo aluhlaza kwiDStv Premiership,” kusho uMotaung.

“Sizohlwaya abadlali abazofika bazimazise iqembu. Sizozama ngayo indlela, ngeke kube lula ukudlala kwiGladAfrica Championship ngesizini ezayo.”

I-Tuks ibinalo ithuba lokunyukela kwiPremiership ngokuba ngompetha beChampionship kodwa yayilahla ekugcineni. Kugcine kunyuke iRichards Bay FC esizoyibamba esigabeni esiphezulu.

“Kule sizini isitha sethu esikhulu kube ukugeja inqwaba yamathuba ebesiwakha. Nanamuhla siwakhe kuqala amathuba kodwa sangawasebenzisa,” kusho uMotaung.

I-Tuks beyidinga ukungashaywa kuphela kulo mdlalo ukuze inyukele lapho kunoju khona. Nokho akuhambanga kanjalo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.