Umqeqeshi weZinyoni angase akhonjwe eza ngayo

UDylan Kerr ocija iSwallows FC
Sdina Ngubo

“Iqiniso ukuthi ngemuva kwalo mphumela angazi ukuthi usihlalo ucabangani.”

Lawa ngamazwi ashiwo umqeqeshi weSwallows FC, uDylan Kerr, ngemuva kokuthi iqembu lakhe libhaxabulwe yiLamontville Golden Arrows ngo 4-0 emdlalweni weDStv Premiership ePrincess Magogog Stadium, KwaMashu ngoMgqibelo. Indlela izinto ezenzeka ngayo kubukeka sengathi lo mqeqeshi uzokhonjwa eza ngayo njengoba kuvela ukuthi abaphathi beqembu kade bakhuluma no-Ernst Middendorp ukuthi azothatha izintambo.

“Kumele kube yimina okumelayo okwenzekile futhi ngizokwenza lokho. Uma usihlalo ecabanga ukuthi yisikhathi soshintsho kuyobe kuyisinqumo sakhe leso,” kusho uKerr.

“Angicabangi ukuthi bekumele sishaywe ngo 4-0 kulo mdlalo futhi angiabangi ukuthisiwasebenzise kahle amathuba ethu ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala.

“Sizamile ukushaya amagoli kodwa besithatha izinqumo ezibhedayo. Ngesikhathi silandela emuva ngo 2-0 abadlali bebekholwa ukuthi bazobuyela emdlalweni…nami bengikholwa kanjalo.”

UKerr ubekhona kwiZinyoni ngesikhathi bevika izembe sekuvalwe amehlo ngemuva kokudlala emidlalweni yokuhlunga ekupheleni kwesizini edlule. ISwallows iqede endaweni ka-15 nokuyiphoqe ukuthi idlale namaqembu eChampionship, i-University of Pretoria neCape Town All Stars, ukuze izame ukugcina indawo yayo kwiPremiership.

Iwine umdlalo wokugcina ibhekene neTuks ngo 1-0 kanti ukube ayiwinanga ngabe ayikho esigabeni esiphezulu kule sizini. Ezivela ekhaya leZinyoni zithi uKerr uzoba nomhlangano nabaphathi beqembu ngoMsombuluko. Maningi amathub okuthi akhonjwe indlela kodwa kuvela abaphathi ubabambe ngenkontileka engase ibaphoqe ukuthi bakhokhe enkulu imali uma bemxosha.

editor@impempe.com

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *