UMshini Ngcobo uthi ukwenza kahle kweChiefs akusho lutho ingekho indebe

UMshini uthi ukwenza kahle kweChiefs akusho luthi ingekho indebe
UNkosingiphile Ngcobo weKaizer Chiefs

 

Umdlali weKaizer Chiefs uNkosingiphile “uMshini” Ngcobo uthi ujabule ngokuthi leli qembu lidlala kangcono kule sizini. 

Kodwa uyakuvuma ukuthi konke lokho akusho lutho uma nje ingakangeni indebe ekomkhulu leqembu eNaturena. 

IChiefs seyivele iphuthwe yiMTN8 kanti nakwiCarling Black Label Cup ibhuliswe amazolo ekuseni ngempelasonto edlule. 

Nokho ngokwebhola nokuhleleka iChiefs ibukeka ingcono kule sizini kodwa ngokukaNgcobo, lokho akwenele njengoba seyiyisikhombisa iminyaka indebe ingabonwa. 

“Ngijabule kakhulu ngendlela engidlala ngayo, ngiyawubona umehluko. Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi siqale ukuwina izindebe, sibuyise isithunzi seqembu,” usho kanje uMshini. 

“Ukugcina umgqigqo yinto eseyinselelo kithina badlali ngoba kuningi okunye esibuye sibhekane nakho. 

“Kodwa kumele uhlale uzinikela ngokugcwele. Ngicabanga ukuthi kusemqondweni… 

“Siyazama ukuba sezingeni elilodwa ejimini nasemidlalweni. Ngicabanga ukuthi siyakwenza lokho kule sizini,” kuchaza uNgcobo. 

Ngokugqoza kwendebe eNaturena, uNgcobo uthe: “Okubalulekile wukuthi singazifakeli ingcindezi kakhulu.  

“Kumele sibhekane nomdlalo ngamunye. Siyazama ukulwa futhi senza kangcono kule sizini. Kukhona esizokuzuza maduze nje, thul’ubheke.”  

FUNDA NALA: Owodumo kwi-Orlando Pirates usezama inhlanhla ehlathini

Njengoba ebanga indawo nabadlali abanamava oKhama Billiat noKeagan Dolly nje, uNgcobo akalitholi njalo ijezi. 

 “Mina ngithanda kakhulu ukudlala uma sihlasela, ngisize neqembu ligcine ibhola. Kodwa ke singaba namakhono afanayo, kodwa ukwenza akufani. 

“Kuhle ukuncintisana ngezindawo eqenjini futhi kwenza silenzele kahle iqembu,” kuchaza uMshini. 

Uthe uzoqhubeka nokuzikhandla ukuze alithole njalo ijezi ukuze akwazi nokusiza nangamagoli eqenjini. 

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *