Umshushisi wePSL uqinisekisa icala elingase libuyise iCosmos ehlathini

Umshushisi wePSL uqinisekisa icala elibuyisa iJomo Cosmos ehlathini
UJomo Sono
Sbongs Gumbi

Umshishisi wacala esigungwini esiqondisa ubugwegwe kwiPremier Soccer League (PSL) uZola Majavu useliqinisekisile icala elivulwe yiJomo Cosmos.

Uthi iCosmos ivulele iHungry Lions abebedlala nayo kwiGladAfrica Championship icala lokudlalisa umdlali obengabhalisiwe ngendlela efanele.

Kuvela ukuthi lo mdlali, uTshepo Mohlala wasuka kwiCosmos waya enkulisa yeKaizer Chiefs ngaphambi kokudlulela kwiLions.

Konke lokhu kwenzeka nje iCosmos ayimnikanga incwadi emkhululayo ukuba ajoyine elinye iqembu okusho ukuthi ubesengumdlali wayo.

Akukacaci ke njengamanje ukuthi udlale imidlalo emingaki kwiLions kodwa kukholakala ukuthi uma iliwina icala, leli qembu laseNorthern Cape liphucwe amaphuzu lingadliwa yizembe, kusinde ezikaMjomane.  

“Sengingakuqinisekisa ukuthi kuthe izolo ngabeka iHungry Lions icala lokungaziphathi kahle kulandela isikhalazo esifakwe yiJomo Cosmos,” kusho uMajavu ngoLwesine ntambama.

“Lezi zinsolo ezibekwe yiJomo Cosmos zithi kunomdlali ogama lakhe nguTshepo Mohlala odlale kungafanele okwenza kube yicala ukudlaliswa kwakhe.

“Njengoba lezi zinsolo ziqhamuke ziyisikhalazo, ngokomthetho yePSL kuzoba yiqembu elifake isikhalazo elizoshushisa leli cala okuyiJomo Cosmos kulokhu,” kwengeza uMajavu. 

FUNDA NALA: Liqhubekile izembe kwiPirates kuhamba abathathu ngoLwesine

“Kuthe uma ethole lesi sikhalazo, umshishisi wePSL wazenelisa ngokuthi konke kwenziwe ngendlela efanele ngokufakwa kwaleli cala wabe esenquma ukufaka ohlwini lwamacala azoqulwa. 

“Leli cala selibekelwe ukuba liqulwe ngoJuni 27 (ngoMsombuluko) emahhovisi ePSL. Uma seliwuliwe futhi nesigungu sesiphumile nesinqumo, ngiyobuya ngazise abantu ngalokho.

“Ngikakuqinisekisa nokuthi ukwenzela ukuthi kungabi nakwenzelela futhi konke kwenzeke ngendlela efanele, ngiwazisile wonke amaqembu athintekayo kuleli cala.

“Lokhu ngikwenzele ukuthi uma kukhona elifisa ukuzibandakanya ekuqulweni kwalo likwazi ukuba khona ngisuku lokuqulwa kwalo,” kuchaza uMajavu. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.