Umshushisi wePSL ushiye phansi umsebenzi

Umshushisi wePSL ushiye phansi umsebenzi
UNande Becker
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Isikhulu ebesingumshushisi wamacala kwiPSL uNande Becker sesiqinisekie ukuthi sesishiyile kulesi sikhundla.

UBecker ushiya nje bekubhekwe ngabomvu ukuzwa ukuthi uzothingi ngoMsombuluko kulandela ukugoloza kweKaizer Chiefs ukuya emdlalweni wayo ngoMgqibelo.

IChiefs bekumele idlale neCape Town City kodwa leli qembu laseKapa lafica kulenga izingidi emasangweni aseFNB Stadium la bekumele lo mdlalo ube khona.

Amakhosi abekade eke abhalela iPSL ecela ukuhlehliselwa imidlalo yawo kodwa achithwa.

Abebeke izizathu zokuthi kunenqwaba yabadlali, abaqeqeshi nabanye abasebenza eqenjini abatholakale beneCovid-19.

Ukungafiki kweChiefs kuzosusa umsindo kwazise yephule imigomo nemithetho yePSL ngalokhu.

Ngokujwayelekile bekumele iCape Town City igingqe bese inikwe amaphuzu amathathu.

Kodwa njengoba ingazange ikwazi nje nokungena enkundleni ukuze igingqe akulula ukwazi okuzokwenzeka.

FUNDA NALA: IChiefs igolozile ukuyodlala oweDStv Premiership

UBecker ubeseneminyaka eminingi ekwiPSL futhi amava akhe abezosiza ekutheni lolu daba lusheshe luxazululeke.

Utshele abeDiski Times ukuthi ushiye esikhundleni sakhe ekupheleni kwenyanga edlule, ngoNovemba 30.

Isikhulu sezokuxhumana kwiPSL uFhathuwani Mpfuni sitshele Impempe ukuthi iPSL ayikezuphawula ngalolu daba.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.