UMsimango uchaza ngomuzwa omfikele eshaya igoli elihlenge iTS Galaxy

UMsimango uchaza ngomuzwa omfikele eshaya igoli elihlenge iTS Galaxy
UGiven Msimango weTS Galaxy
OkaDonga Gumbi

UGiven Msimango uthi bebengazi ukuthi ihamba kanjani imiphumela yeminye imidlalo ngesikhathi bedlala owabo wokugcina kwiDStv Premiership kule sizini.

IGalaxy ivale ekuhambeni kwiChippa United la iwine khona ngo 1-0 wegoli elingene ngemizuzu yokugcina lishaywa nguye uMsimango.

Obekwenza bengazi wukuthi bebenqume ukuthi bengatshelwa ukuze bagweme ukutatazela nokuxhamazela obekungase kube khona uma sebazi ukuthi sebengene ezembeni.

IGalaxy iye kulo mdlalo idinga ukuwina ukuze izihlenge ezembeni, kodwa uma iSwallows FC neBaroka FC abebengemuva kwayo behlulwa, beyingenankinga.

Ukungazi ukuthi kwenzakalani yikho okwenze uMsimango wabona kungcono ake anyuke naye ayozama inhlanhla ngesikhathi bebekelwa ikhona ngasekupheleni komdlalo.  

“Lifike ngesikhathi esihle kakhulu leli goli,” kusho uMsimango obeshaya igoli okokuqala esedlala kwiGalaxy. Wayegcine esadlala kwiHighlands Park ukubhakuzisa inethi.

“Kodwa engikujabulele kakhulu yindlela isizini ephele ngayo uma ubheka ukuzinikela esinakho eqenjini. Lo mdlalo usikhombisile ukuthi siyakwazi ukulwela umphumela.

“Yithina ebesizifake ogibeni lwezembe futhi bekuyithi okumele sizikhiphe kulo. Ngijabule ngokuthi sikwazile ukuthola amaphuzu amathathu – yilokho obekubaluleke kakhulu.

“Uma ngibuyela kweyokuthi ngishaye igoli lami lokuqala, ngijabule kakhulu. Lisisize kakhulu ekutheni sithole amaphuzu agcwele.”  

UMsimango uthi uvele wafikelwa wumuzwa wokuthi ake anyuke naye ayobona akukho yini okungcono angakwenza kwazise bese bedlale ngamathuba amaningi amabhola abekwa phansi kulo mdlalo.

FUNDA NALA: ISundowns ihlaselwe umkhuhlane omubi, izohlolelwa iCovid-19

Nebala ube nenhlanhla. Ibhola lizishayise komunye umdlali qede lawela phambi kwakhe, akangabe esananaza, walinamathisela enethini.  

“Besithanda ukucindezeleka emdlalweni kodwa silokhu sithola amathuba ngamabhola abekwa phansi bese singawasebenzisi.

“Kuthe uma sibekelwa ikhona ngasekupheleni komdlalo, ngathi, ‘awuthi nami ke ngenyuke, mhlawumbe kukhona okungenzeka nje’. 

“Ibhola lizishayise komunye umdlali lawela ezinyaweni zami ngabe sengiqedela umsebenzi… Kube ngesinye seziwombe lapho uzithola usendaweni efanele ngesikhathi esifanele.  

“Besingazi ukuthi kwenzakalani kweminye imidlalo. Besikukhulumile ukuthi asifuni ukulandelela ukuthi kuhamba kanjani kweminye imidlalo ukuze sigxile kulo wethu. Imiphumela siyaze umdlalo usuphelile.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.