Umtalabho weSundowns ukhala ndawo zonke, elabaseifazane liyabukisa

Umtalabho weSundowns ukhala ndawo zonke, elbaseifazane liyabukisa
UChuene Morifi
UDABA: Zukiswa Tshaka
ISITHOMBE: Twitter

Iqembu elizihola phambili kwiHollywoodbets Super League iMamelodi Sundowns Ladies liqhubekile nokuvulela umtalabho – qede bavula elikhulu igebe.

ISundowns Ladies ishaye iBloemfontein Celtic Ladies ngo 2-0 ngeSonto ntambama. Lokhu kusho ukuthi iSundowns ayikahlulwa nakowodwa umdlalo.

Nokho lo mdlalo wabo wangeSonto ube ngomunye wemidlalo enzima edlalwe yizingqwele ezivikela isicoco kulesi
sigaba.

Ukuwina kwayo kwiCeltic kusho ukuthi iSundowns ayikakahlulwa kumasizini amabili selokhu kwasungulwa le ligi yabesifazane esezingeni eliphezulu eNingizumu Afrika.

Baqhwakele phezulu kwilogi futhi basenemidlalo emine abasalele ngayo emuva ezokwenza balivule kakhulu igebe uma beqhubeka nomtalabho wabo.

Igoli likaThalea Smidt nelika Chuene Morifi abenele ukuguqisa iCeltic bese beziqoqela amaphuzu agcwele.

Lamaphuzu amathathu asenze baba nang-43 kwilogi ngemuva kwemidlalo engu-15, baphambili ngayisishiyagalolunye.

FUNDA NALA: UKhomphela engase aqondiswe izigqwegwe ngokuthola ikhadi elibomvu

NgoMgqibelo iMa-Indies Ladies ibhaxabule iRichmond United ngo 3-2 yanyukela endaweni yesishiyagalombili kwilogi.

IGolden Ladies yona ithole amaphuzu amathathu ekade iwadinga kakhulu ngesikhathi izitamuzela kwiTsunami Queens.

Amagoli aqhamuke noGontse Hombe noYvonne Mothlowia. Kodwa ke iGolden Ladies injabulo yabo ingashesha iphele njengoba izobhekana neSundowns ngoLwesithathu eMahikeng.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *