UMthalane uzolwa okokugcina bese ewabeka ethala amagilavu

UMthalane uzolwa okokugcina bese ewabeka ethala amagilavu
OBhunu Mthalane, Wendy Gcado noMoruti Mthalane
Alfred Ngubane

UMoruti “Babyface” Mthalane usenqume ukuthatha umhlalaphansi esibhakeleni. Uthi lempi yakhe ezayo kuzoba ngeyokugcina.

Kule mpi, uMthalane akakazi ukuthi kuzoba ngubani imbangi yakhe kodwa utshele Impempe ukuthi impela uzobe esewabeka ethala amagilavu akhe ngemuva kwayo.

Uthi usezongena ekusizeni umfowabo, uSabelo “Bhunu” Mthalane osanda kusungula iLindelani Boxing Academy.

“Kuyangijabulisa kakhululu ukuthi uBhunu uvule iLindelani Boxing Academy. Ngizosebenza naye ngimsize sihlwaye ikhono kumabhokisa ayogcina efika ezingeni eliphezulu kwelami,” kusho uMthalane.

UBabyface, okuyigama abizwa ngalo ngoba ebukeka emncane kuneminyaka yakhe, kumanje uphethe irekhodi lokuvikela isicoco sakhe se-IBF amahlandla angu-17.

UBhunu yena uthi useqeqeshe isikhathi eside esibhakeleni sabangakhokhelwa. Usekhiphe inqwaba yamabhokisa okukhona kuwo uuTito Ngidi.

Uphinde wahlala okokuqala ekhoneni likaThelma ngenkathi enqoba ibhande kuBathabile Ziqubu.

Lo mqeqeshi wacelwa nguLetho Sibisi emcela ukuba amsize ngoba yena usehlulekile ukunqoba amabhande.

Nebala bakwazile ukunqoba ibhande lakuleli kuZiqubu ngeSonto elidlule eThekwini. Uphinde wahloma ngeDiploma kwiYouth Development Skills.

FUNDA NALA: UMokwena uthi iSundowns isazowahubhisa utalagu awakuleli

Inkakha yesibhakela kuleli, uDingaan Thobela ukhuthaze uBhunu ukuthi engabe esabheka emuva njengoba eseqalile nje ukudla izicoco kodwa aqhubekele kwezinye.

“Wenza umsebenzi omuhle impela futhi kumele manje asebenzele ukugcina esedle izicoco ze-IBO, IBF namanye amabhande amakhulu,” kusho Thobela.

Naye uBhunu uyakubona lokhu okushiwo nguThobela kwenzeka njengoba ethi ngeke iphele iminyaka emihlanu engaliwinanga ele-WBC okuyilona elikhulukazi emhlabeni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.