UMthembu ufuna baphindisele kwiBaroka eyabahluthula izimpiko

UMthembu ufuna baphindisele kwiBaroka eyabahluthula izimpiko
USiphelele Mthembu nozakwabo baMaZulu FC
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IBaroka FC yaba yiqembu lokuqala elakhumbuza AmaZulu FC ngesizini edlule ukuthi isaphila kuwo lo mlaba futhi iyashayeka.

Ngaleso sikhathi Usuthu lwase luhambe imidlalo eyisishiyagalolunye lungayazi nhlobo induku ngesikhathi iBaroka ikuqeda konke lokho.

Manje uSiphelele Mthembu uthi kube yinto edaliwe ukuthi bahlangene neBaroka ngesikhathi sebeqala ukuhlangana bebuyela emgqigqweni wabo.

Usuthu luyiqale ngonyawo lonwabu iDStv Premiership kule sizini njengoba lungawini emidlalweni emine.

Selubheke ukujika lokho uma selubhekene neBaroka ngoMgqibelo ntambama. Umdlalo wamagqubu lona.

Lo mdlalo uzoba seJonsson Kings Park Stadium eThekwini ngo-3 ntambama. UMthembu uthi ufike kahle impela.

“Umoya wokuzwana usubuyile eqenjini,” kusho uMthembu. “Sibuyelwe umuzwa wethu wokulwa ngokubambisana nangokuzikhandla.

“Yilo ebesinawo ngesizini edlule, lo eniwubonile sibhekene ne-Arrows. Besilokhu senza kahle kodwa imiphumela isiphika.

“Kodwa uma ngibheka isimo ejimini ngiyabona ukuthi kuyalunga. Abaqeqeshi basifaka umoya wokuba sizinikele.”

AMaZulu asendaweni ka-14 njengoba esaqoqe amaphuzu amathathu emidlalweni emine. Uma engawina kwiBaroka, azongena emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu.

Lokhu kuzosiza ukuthi engasaleli emuva kakhulu emaqenjini azihola phambili kwazise anezifiso zokuba sembangweni wesicoco.

FUNDA NALA: UBenni uthi wayemhalela ngequpha uTembo owambiza phansi kwezikethi

“Siya emdlalweni weBaroka sisemoyeni wokulwa. Sikulungele ukuqhubeka nokulwa njengoba sinemidlalo yasezwenikazi neyalapha.

“Ifike kahle sesingene egiyeni, sekuyisikhathi sokuthi siziphindiselele. Kumele sisukume ngayo iBaroka sibuyise umgqigqo wethu wokuwina.

“Lokho kuzokwenza kwehle nengcindezi eqenjini bese sikhululeka noma ngabe sidlala kuphi noma nini. Sidinga iwini eyodwa nje ezosibuyisela kuleyo ndawo. ”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.