UMthembu ufuna ukudla iComrades okwesine, uzoqala ngeTwo Oceans

UMthembu ufuna ukudla iComrades okwesine, uzoqala ngeTwo Oceans
UBongumusa Mthembu
Alfred Ngubane

UBongumusa Mthembu ophethe irekhodi lomhlaba lokunqoba amahlandla amathathu iComrades Marathon uthi kumanje wenza amalungiselelo okuvikela izicoco zakhe ngokuthi aqale ngeseTwo Oceans Marathon.

UMthembu uthi ayikho kuyena ingcindezi ngokunqoba iTwo Oceans Marathon ngoba uyiqonda kahle nokuthi kudala eyigijima kodwa ubeyisebenzisa njengesitebhisi sokunqoba iComrades Marathon.

Lo msubathi ungowokuqala kwabamnyama bakuleli ukunqoba iComrades amahlandla amathathu. E-Afrika ungowesibili ngemuva kukaStephen Munzhinga waseZimbabwe.

FUNDA NALA: UMunetsi upopola indlala ezodalwa ukudingiswa kweZimbabwe ebholeni lomhlaba

UMthembu kumanje uziqeqesha eLesotho la egijima khona ezintabeni zakhona athi ziyasiza ukuvula isifuba.

“Kusahamba kahle, ithimba labaqeqeshi eliholwa nguThuso Mosia lenza umsebenzi omuhle kakhulu,” kusho yena.

Uphinde waveza ukuthi usalinde ukuzwa kubaqeqeshi bakhe ukuthi ngabe bazoyisubatha yini noma ngeke iDurban International Marathon ezoba ngoMeyi 8.

Ngempelasonto edlule ungene endaweni yesibili kwiBest of the Best ebigijinywa khona eThekwini nengomunye wemijaho efaka abasubathi efomini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *