UMthembu unesifiso sokukhipha ibhokisa elizoba ngumpetha weWBC

UMthembu unesifiso sokukhipha ibhokisa elizoba ngumpetha weWBC
USizwe "Bhubesi" Mthembu
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Facebook

USizwe “Bhubesi” Mthembu, ongumqeqeshi ngaphansi kweLudonga Boxing Promotions uthi unesifiso sokugcina efike ezingeni loNorman Hlabane noNick “Mthakathi” Durandt ongasekho.

Laba ngabaqeqeshi abakhiqiza abashayisibhakela abagcina bewine izicoco ezihlonishwa emhlabeni jikelele ngaphansi kweWBC. Ubale nendodana kaDurandt eyathatha umsebenzi kayise ngesikhathi eshona, uDamien Durandt.

UMthembu uthi ufunde lukhulu kuThulani “Nkunzi” Magudulela, naye ongasekho, Thulani “3 Second” Nkwanyana noZwilenkosi Magudulela asesebenzze nabo isikhathi eside.

Into esibusa umqondo wakhe manje ukuwina ibhande leWBC ngoba yilo elikhulu ukwedlula ukuwina indondo kuma-Olympics esibhakeleni.

“Uma ngibheka abashayisibhakela esinabo esitebeleni sethu njengamanje ngiba nethemba lokuthi ngingamkhipha umpetha weWBC kubo,” kusho uMthembu ekhuluma neMpempe.

“Bawuhlobo lwamabhokisa asezingeni eliphezulu kakhulu. Nakuba sibuye siphazanyiswe umvalela ndlini, kodwa abafana bakhona bonke ejimini.

“Bayajima ukwenzela ukuthi bahlale bekulungele ukubhekana nanoma yiliphi ibhokosa uma benikwa ithuba,” kusho uMthembu.

Yize izifiso zinkulu, kodwa uBhubesi uyakuqonda ukuthi akuzukuba lula ukuzifeza. Yingakho enxenxa abalandeli ukuthi babe nesineke naye.

FUNDA NALA: URadebe uzibeke ethubeni lokudla ijezi kwiChiefs

“Ngisanda kungena ekubeni ngumqeqeshi ngokugcwele. Bengilisekela phambilini ngakho ngicela abalandeli babe nesineke bazi ukuthi uma kubhedile sisuke sifundile,” kuphetha yena.

Ubeliphini likaZwilakhe phambilini khona eLudonga. Unyuselwe ekubeni ngumqeqeshi ngokugcwele kulandela ukushona kukaThulani Magudulela. Uzwilakhe wanyuselwa kwesokuba yisikhulu esiphezulu kulesi sitebela saseThekwini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.