UMthethwa uthi abalandeli bazobuyela ezinkundleni, kodwa…

UMthethwa uthi abalandeli bazobuyela ezinkundleni, kodwa...
UNathi Mthethwa
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

UNathi Mthethwa ongungqongqoshe wezemidlalo nokugcebeleka kuzwelonke uyivule ngokusemthethweni imidlalo yendabuko eMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu.

Le midlalo izobanjelwa ezindaweni ezehlukene ezakhele idolobha laseThekwini namaphethelo.

UMthethwa ukhulume neMpempe wathi abalandeli bezemidlalo bangabuyela ezinkundleni zezemidlalo inqobo nje uma sebegomile.

“Abalandeli bazobuyela ezinkundleni. Kodwa kumele kuqinisekiswe ukuthi bagomile kuqala ukunqunda amandla eCovid-19,” usho kanje.

Uthi phesheya kwezilandle kuyiqiniso ukuthi bayangena ezinkundleni zezemidlalo kodwa balugomele ukhuvethe oludla lubi lweCovid-19 njengoba lingakatholakali ikhambi layo.

UNyambose unhlinhlile uma esekhuluma ngoluthinta umsubathi wakuleli osamisiwe ekugijimeni uCaster Semenya ngenxa yomzimba wakhe okuthiwa unamandla afana nawomuntu wesilisa.

FUNDA NALA: UMthembu uthi Usuthu luzoziphindiselela kwiBaroka

Umnyango kaMthethwa wakhipha isitatimende kumthombo wezokwazisa ukuthi uzomeseka uSemenya ngabammeli.

Kepha kumanje kubonakala kungenzeki lutho. Khonamanjalo uSemenya kubonakalile ukuthi ubenodungunyana ehluleka ukungena kuma-Olympics abeseJapan.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.