Umthobanhliziyo kwiChiefs uNgcobo ewina umklomelo wegoli

Umthobanhliziyo kwiChiefs uNgcobo ewina umklomelo wegoli
UNkosingiphile Ngcobo ngesikhathi eshaya igoli awine ngalo umklomelo
Sbongs Gumbi

Kwenzeke obekulindelekle emklomelweni wegoli lesizini kwiDStv Premiership ngesikhathi uwinwa umdlali weKaizer Chiefs – leli qembu lathola umthobanhliziyo kulandela isizini engeyinhle.

Njengoba owine lo mklemelo uwinwa ngokuvotelwa ngabalandeli, kuhlezi kuyinto eyaziwayo ukuthi uma kukhona oweChiefs uzowina.

Lokhu kungenxa yokuthi abalandeli bayo abalenzi iphutha kodwa bavota ngobuningi ukukhombisa uthando kulowo osuke eqokiwe emele iqembu labo.

Vele ke iChiefs yilona iqemu elinabalandeli abaningi kunawo wonke kuleli yize kukhona abahlale befisa ukukuphikisa lokho.

Yingakhi kungathusanga ukuthi lo mkomelo, owagodlwa ngesikhathi kukhishwa eminye ngenyanga edlule kwazise kwakusenemidlalo esele, uwinwe uNkosingiphile Ngcobo.

Leli goli awine ngalo uNgcobo walishaya emdlalweni ababebhekene kuwo neSekhukhune United futhi wadonsa intambo engaphandle kwebhokisi, lamudla uToaster Nsabata obengomunye wonozinti abavimbe kahle ngesizini edlule.

Buka leli goli lapha ngezansi:

Leave a Reply

Your email address will not be published.