Umthwihlizo weRoyal AM ungayifaka emidlalweni yeCAF

Umthwihlizo weRoyal AM ungayifaka emidlalweni yeCAF
UJohn Maduka
Sihle Ndlovu

IRoyal AM yenza obekungalindelekile kuyona njengoba iyiqembu eliqalayo ukudlala kwiDStv Premiership kule sizini ka-2021/22.

IThwihlli Thwahla, eqeqeshwa uJohn Maduka, idedela isibhaxu emidlalweni yeligi nokuyenza ukuthi ihlale endaweni yesibili kwilogi yePremiership.

Leli qembu likaShawn “MaMkhize” Mkhize lithwihliza amaqembu amaningi kwiPremiership. IKaizer Chiefs seliyishaye kabili, nokuchaza ukuthi liyiphuce amaphuzu ayisithupha kule sizini.

Emdlalweni womzuliswano wokuqala iRoyal AM ishaye Amakhosi ngo 4-1 eFNB Stadium. Kowesibili umdlalo iThwihli Thwahla ishaye iChiefs ngo 1-0.

IRoyal AM ishaye iSuperSport United ngo 2-0 ngesonto elidlule, kanti ilandelise ngokushaya iSwallows FC ngo 1-0 ngempelasonto.

FUNDA NALA: Uphelelwe amaqhinga umqeqeshi weSwallows othi bayakora una bedlala nonodoli ejimini

Leli qembu lingelinye lamathathu kuphela asekwaze ukuwina imidlalo eyishumi nangaphezulu kule sizini esiya ngasemaphethelweni. Elinye iqembu eseliwine imidlalo eyishumi yiChiefs, kanti iMamelodi Sundowns seyiwine engu-15.

Indlela ezenzeka ngayo izinto iRoyal AM isethubeni elikahle lokudlala imidlalo yeCAF Champions League noma iCAF Confederation Cup, ngonyaka ozayo.

IThwihli Thwahla isenalo nethuba lokuwina indebe kule sizini njengoba isekhona kwiNedbank Cup ka-2022. Izobhekana neSwallows koweNedbank, eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.

IRoyal AM ibukeka isazowahlupha kakhulu amanye amaqembu uma iqhubeka nefomu enhle esayikhombise kule sizini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.