UMtolo ubona iKZN izosengela phansi kodwa inethunga esibhakeleni

UMtolo ubona iZKN izosengela phansi kodwa inethunga esibhakeleni
UVusi Mtolo
Alfred Ngubane 

UVusi Mtolo ungumqeqeshi wesibhakela ohlonishwayo emhlabeni jikelele njengoba esenqobe izicoco eziningi esebenza ngaphansi kukaNick “Mthakathi” Durant ongasekho.

UMtolo uqeqeshe iminyakanyaka uMoruti “Babyface” Mthalane ophethe isicoco se-IBF no-ILunga Makabu waseDR Congo ongumphetha weWBC nabanye abaningi.

Lo mqeqeshi uthi uyadabuka ngamabhokisa nabaqeqeshi ngenxa yokuntula ulwazi. Usho kanjena nje ubesanda kwengeza esinye isicoco esitebeleni sakhe njengoba benqobe eseWBF kwaNongoma Multipurpose Centre ngempelasonto.

Nguye uMtolo oqeqesha uLybon Ntshani ohlule uKhumbulani “Flint” Mdletshe waseMpangeni ongaphansi kwesitebela seLudonga Boxing Promotion kaZwilenkosi Magudulela.

Uthi ubezele ukunqoba kuphela KwaZulu-Natal. Kuzokhumbuleka ukuthi ungowokuzalwa eClermont ngaphandle kwaseThekwini kodwa usazinza eGoli.

FUNDA NALA: UPeprah uncome abecs ngokuzinikela abakukhombise koweCaf

UMtolo ungomunye wabaqeqeshi abaqokiwe yinhlangano yezamankomane (Boxing SA) kumiklomelo yenhlangano.

Uphinde waxwayisa abaqeqeshi baseKZN ngokuthi bazosebenzela emuva uma bengawanyusi amasokisi.

“Bazoba yisitembisi sezinye izifundazwe ezifana nembangi enkulu i-Eastern Cape neGauteng,” kusho uMtolo.

“Kuyangikhathaza ngoba lesi sifundazwe sinamabhokisa amahle kakhulu adinga ukucijwa ngendlela yeqophelo eliphezulu,” kusho yena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.