UMtolo ubona liqhakaza ikusasa leKZN kwezokusubatha

UMtolo ubona liqhakaza ikusasa leKZN kwezokusubatha
UWIlliam Mtolo
Alfred Ngubane

UWilliam Mtolo oyinkakha kwezokugijima, usehlabe ikhwelo kubanikazi bamaqembu ngokuthi bandise isibalo sabasubathi besimame KwaZulu Natal.

Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neMpempe ngoMsombuluko emini.

“Mina ngibona ukuthi umpetha olandelayo emhlabeni kwiComrades Marathon neTwo Oceans Marathon uzophuma lapha eKZN,” kusho uMtolo.

“Lokhu ngikusho ngoba sinabasubathi abahle kakhulu abakwazi ukugijima amabanga amade, njengoSamukelisiwe Mbanjwa waseMgungundlovu, noFikile Mbuthuma waseHarry Gwala District.

“Kukhona noMakhosi Mhlongo waseThekwini.”

Uthe laba basubathi sebekhombile indlela lapho ikhona njengoba uSamukelisiwe eseke wadla ubhedu kuma-Africa Championships eNigeria, ebangeni lika-50km.

UFikile yena uthole igolide kwiComrades Marathon. UMtolo uthe lezi yizimpaqu zokuthi iKZN iyadlondlobala kwezokusubatha.

I-KZN inothile kakhulu ngabasubathi abanonhlonzo, futhi inabaqeqeshi abanamava njengoXolani Mabhida,”  kusho yena.

FUNDA NALA: UMotaung Junor ucelwe ukuba axoshe uBaxter, aqashe uZwane encoma iBarca

UMabhida unqobe iComrades amahlandla amathathu noBongumusa Mthembu. Kukhona noMthandeni Kunene oqeqesha uSamukelisiwe, uMdu Khumalo osepheke abasubathi abaningi esingabala kubo noMahlomula Sikhonyana onegolide leComrades

Ngonyaka ka-1992 le ngwevu enguMtolo, yangena endaweni yesibili kwiComrades, kwathi ngo-1996 yanqoba iNew York Marathon lapho yayigadulisana khona nabasubathi baseKenya.

Kwakukhona nabase-Ethiopia nabakhona e-USA abanamandla, kukhona nababephuma eJamaica.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.