UMtolo uzowuhlala emsileni umasipala ngenkulisa yezokusubatha

UMtolo uzowuhlala emsileni umasipala ngenkulisa yezokusubatha
UWillie Mtolo
Alfred Ngubane

Inkakha kwezokusubatha, uWillie Mtolo isiphakamise isandla yacela uZamo Nxumalo oyimeya yaseHarry Gwala District Municipality ukuthi kwakhiwe ngokushesha inkulisa yezokusubatha ehlongozwayo.

UMtolo uphosele uNxumalo inselelo yokuthi angagcini ngokukhuluma ngomlomo kwabezindaba kodwa kwenzeke akuthembisayo.

“Kumnandi abakukhulumayo, kodwa akumele kuphelele lapho. Kumele kwenzeke abakuthembisayo bengagcini ngokusijabulisa ngamazwi nje kuphela,” kusho le nkakha.

Uphinde wancoma izindawo zase makhaya ngaphansi kwalo mkhandlu, wathi zinekhono eliningi kakhulu kodwa elidinga ukuvundululwa bese lipononongwa.

Yena usevele useqalile ukubavundulula abasubathi bese ebafaka kwiNtsika Athletic Club.

FUNDA NALA: USikhakhane uxwayisa Usuthu ngokuthi lungalinge lulande uBaxter

“Uma ubheka uhlobo lwabasubathi esinalo lapha ngolwamabanga amade kakhulu, kanti lokho kudalwa ukuthi bahamba amabanga amade uma beya ezikoleni nasemadiphini…

“Lokho kuyabasiza ukuthi baqine kakhulu, ngakho lapha singakhipha abasubathi abangahamba ezinyathelweni zethu baphinde basidlule thina njengoba ngibona izinga lokusubatha likhuphukile kakhulu nje.”

Khonamanjalo uphinde wagcizelela ukuthi abazali, othisha nomphakathi wonke waseHarry Gwala District kumele balekelele abantwana abathanda ukusubatha.

“Ukungena kwabo kwezokusubatha kuzothuthukis ale ndawo futhi kuyibeke ebalazweni. Njengoba nemali isiningi nje kwezokugijima kungasafani nangezikhathi zakudala, bangathola nendlela yokuziphilisa,” kuphetha uMtolo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.