UMudau usephenduke insika kungazelele muntu kwiSundowns

UMudau usephenduke insika kungazelele muntu kwiSundowns
UKhuliso Mudau
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Efika kwiMamelodi Sundowns uKhuliso Mudau abaningi babebona ezogcina ngokuphelezela abanye uma kuyiwa ejimini, ijezi alizwe ngendaba.

Kodwa lo mdlalo owayegijima kwiBlack Leopards usengomunye wabangeqiwa yijezi kuleli qembu uma efithi futhi ekulungele ukudlala.

Nomqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi umncomile lo mdlali wasemuva kwesokudla ngokuthi ukhombisa ukukhula okumangalisayo.

UMudau udlale kahle ngesikhathi amaBrazilians eshaya iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eSugar Ray Xulu Stadiu eClermont ngoLwesithathu.

Lo mdlali ugcine ephumile ngomzuzu ka-90, indawo yakhe yathathwa nguThapelo Morena njengoba ebesephunyuzelwa olandelayo.

Kodwa lokho akuvimbanga ukuthi aqokwe njengomdlali wosuku kulo mdlalo, ngoba kufana nokuthi uwudlale wonke umdlalo.

“Ngesikhathi ephuma sishilo sinomqeqeshi (uRulani Mokwena) ukuthi kungenzeka abe ngumdlali wosuku, ngoba ube nomdlalo omuhle kakhulu,” kusho uMngqithi.

“Ukhula ngesivinini futhi sijabule kwiSundowns ngoba sifuna umbango uqine phakathi kwakhe noThapelo (Morena).

“Lokho kuhle kithina ukuba nabantu ababili abakwazi ukudlala kahle. Sisese ngendlela akhula ngayo uMudau.

“Sithemba ukuthi uzowugcina umgqigqo wakhe ngoba uzosisiza kakhulu.

“Siyakholwa ukuthi bekumfanele ukuthola umklomelo womdlali wosuku ngoba usebenze kanzima.”

UMudau, oneminyaka ewu-26, ufike kwiSundowns ngonyaka odlule esuka kwiLeopards.

Ubesehlale isikhathi eside kwiLeopards njengoba edlale imidlalo ewu-63 washaya amagoli amabili.

Ngaphambi kwalokho ubedlalela iMagesi FC ayishiye ngo-2017 eseya kwiLeopards. Lesi sitobha sizalelwe eMusina eLimpopo.

Kulindeleke abe seqenjini elizoqala umdlalo ngoMgqibelo uma iSundowns seyibhekene ne-AS Maniema emdlalweni weCAF Champions League.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.