UMulenga unxenxa aboSuthu ukuthi balisebenzise ithuba lasekhaya

UMulenga unxenxa aboSuthu ukuthi balisebenzise ithuba lasekhaya
U-Augustine Mulenga
OkaDonga Gumbi

U-Augustine Mulenga uthi njengoba kunzima nje ukuwina emidlalo yasekuhambeni kwiCaf Championship, kumele nakanjani bawine eyasekhaya.

Usuthu lubuye ludangele eMorocco la lushaywe khona yiRaja Casablanca ngo 1-0 ngempelasonto edlule emdlalweni walo wokuqala esigabeni samaqoqo.

UMulenga uthi kuningi abakuzuzile kulo mdlalo yize behluliwe futhi ubona kuzobasiza uma kuqhubeka lo mqhudelwano.

AmaZulu azobe esekhaya kulokhu njengoba ngoLwesihlanu ezogadulisana neHoroya AC yaseGuinea okuwmdlalo uMulenga athi kumele baqale ngawo ukugaya amaphuzu.

“Esikufundile kulo mdlalo odlule wukuthi uma udlala ekuhambeni ngeke uwathole amathuba amaningi okushaya amagoli ngakho lelo elilodwa noma amabili avelayo kumele uwasebenzise.

“Nonompempe basuke bengezukusiza. Kodwa uma usebenzisa amathu akho ngendlela efane, ubanalo ithuba lokuqoqa amaphuzu agcwele,” kusho lo mdlali odabuka eZambia.

“Kumele nokho ube yiqembu eikwaziyo ukuzigada bese linciphisa nokwenza amaphutha ukuze izinto zakho ziqonde.”

FUNDA NALA: IPirates idavuze yadela, yaphuma nephuzu elilodwa ihluleka wukushaya i-Arrows

Usuthu selubheke ukulungisa amaphutha enzeke eMorocco uma selubhekene neHoroya eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesihlanu.

“Namuhla (ngoLwesithathu) besizicija okokuqala (ngemuva kokubuya eMorocco futhi wonke umuntu usewubheke ngabomvu lo mdlalo wangoLwesihlanu.

“Sonke siyazi ukuthi ubaluleke kanjani lo mdlalo futhi nginesiqiniseko sokuthi sizokulwa ukuze sithole amaphuzu agcwele,” kusho uMulenga.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *