UMunetsi ukhala ngendlala ezolethwa ukudingiswa kweZimbabwe

UMunetsi ukhala ngendlala ezolethwa ukudingiswa kweZimbabwe
UMarshall Munetsi
Alfred Ngubane 

UMarshal Munetsi waseZimbabwe usephonsele inselelo iZimbabwe Football Federation ukuthi ithole ikhambi lokuxazulula ukudingiswa kwaleli lizwe ebholeni lomhlaba.

IZimbabwe imisiwe ekudlaleni ezingeni lamazwe ngamazwe kulandela ukutholwa inecala lokuhlukumeza unompempe wesifazane.

UMunetsi ongumdlali weLens yaseFrance noke wadlala kwi-Orlando Pirates, uthi lokhu kuzobambezela ukuthuthuka kwebhola kuleli lizwe.

“Abadlali abasebancane ngeke bakwazi ukuthola amaqembu kwamanye amazwe ngenxa yalento,” kusho uMunetsi.

FUNDA NALA: Uphinde wabashiphela abalandeli beChiefs uBaxter 

“Kuzophoqeleka ukuthi bazoqhubeka badlale emaqenjini asekhaya kuphela. Labo abangaphandle abaphelelwa yizinkontileka abavumelekile ukusayina ezintsha.

“Lokhu kuzophoqa ukuthi babuyele ekhaya la bengeke bahole khona imali esile. Labo abanezinkontileka bavumelekile ukwelula namaqembu abadlala kuwo njengamanje.”

Leli lizwe lizophinda lingayidlali imidlalo yeCaf kuwo wonke amazinga kusuka kwiChampions League, Confederation Cup ne-Africa Cup of Nations ezigabeni zabesilisa nabesifazane.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.