UMusona uqede ukuqagela ngokubuya kuleli esayina kwelaseSaudi Arabia

UMusona uqede ukuqagela ngokubuya kuleli kwelaseSaudi Arabia
UKnowledge Musona
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Abalandeli bamaqembu amakhulu akuleli abebenethemba lokuthi umgadli waseZimbabwe onegama elihle kuleli, uKnowledge Musona engabuyela emaqenini abo sebegejile.

Umusona, owayegijima kwiKaizer Chiefs kuleli kudala, useqoke ukujoyina iqembu laseSaudi Arabia kunokubuya kuleli. Bekuke kwanamahlebezi okuthi iChiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns bayamcathamela lo mdlali.

Lokhu bekungenxa yokuthi iqembu lakhe laseBelgium, i-Anderlecht belibonakala lingenaso isikhala sakhe kwazise belimbolekisile ngesizini edlule. Limbuyisile kulokhu, kodwa labe selimdayisela i-Al-Tai FC yaseSaudi Arabia.

FUNDA NALA: Insephe ye-Al Ahly ithi akukho simanga esingaxaka leli qembu kwiChiefs

Kuthiwa leli qembu lisanda kwenyuselwa esigabeni esphezulu kuleliya lizwe elise-Asia futhi lifuna abadlali elizoqinisa ngabo. Libe selixoxisana ne-Anderlecht yavuma ukubadayisela.

“UKnowledge Musona uzodlala kwi-Al-Tai FC ngesizini ezayo. UMusona ufike lapha kithi esuka kwi-Oostende ngo-2019,” kusho i-Andelecht esitatimendeni esinameke kwi-website yayo ngoMsombuluko kusihlwa.

“Kulo nyaka odlule ubebolekiswe kwiKAS Eupen la edlale khona imidlalo engu-33 washaya amagoli ayisishiyagalolunye. Manje useya kwi-Al-Tai esanda kwenyuselwa kwiMBS League eSaudi Arabia.

“Simfisela konke okuhle ngekusasa lakhe,” kuqhuba leli qembu. UMusona, oseneminyaka engu-31 wayewunyazi lomgadli ongalibheki ipali ngesikhathi edlala kwiChiefs eminyakeni embalwa edlule.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *