UMusona ushwebise iChiefs, Pirates neSundowns ebuyela phesheya

UMusona ushwebise iChiefs, Pirates neSundowns ebuyela phesheya
UKnowledge Musona
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UKnowledge “Smiling Assasin” Musona ubuyela eqenjini lakhe laphesheya i-Andelecht eBelgium, okuyinto eshebisa amaqembu amakhulu kuleli abebheke ukumntshontsha.

Kuvele ukuthi iKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns bebengapheli eduze kwemenja yalo mgadli uMike Makaab bebuza ngaye. Bebefuna ukuzwa ukuthi angatholakala yini ukuba abajoyine.

UMusona unegama elihle kuleli ngoba wabukhombisa ubukhali bakhe phambi kwepali ngesikhathi edlala kwiChiefs. Washiya kuleli qembu ngoba eselandwe yiqembu laseGermany, iTSG Hoffeinheim.

Akahlalanga nokho kakhulu kuyo kanti usedlale emaqenjini ehlukene kusukela ashiya kuleli. Uke wabuya nakwiChiefs ebolekisiwe ngo2014, wafike wakhombisa ukuthi akakaphuphi.

Njengamanje uMusona useneminyaka engu-31 kanti kunokungabaza nagye kwi-Andelecht kwazise beyibolekise ngaye nangesizini edlule. Yikho lokhu okwenze lamaqembu akuleli, iSundowns, Pirates neChiefs bacijise izindlebe ngokuthi kwenzakalani ngaye.

Ashwebile ke la maqembu njengoba imenenja yakhe, uMakaab ekuqinisekisile kuleli viki ukuthi ubuyela kwi-Andelecht.

Funda nala: Weluleka iChiefs ngomdlalo weWydad owayedlala kuyo

“Ubuyela kwi-Andelecht, bathe akabuye azoqala ukuzicija neqembu evikini lokuqala kuJulayi. Usasalelwe wunyaka kwinkontileka yakhe nabo,” ucashunwe esho kanje uMakaab ngabeKickOff.

“Anginalwazi ke okwamanje ukuthi uzohlala khona, sizolinda sibone kwenzakalani. Into esizoyenza wukulind aukubona ukuthi i-Andelecht yenza njani ngaye,” kuchaza uMakaab.

Uthe uma kwenzeka bemdedela, uvele unezesheli kuleli, eMiddle East, eChina nase-Europe. UMakaab akacacisanga ukuthi bona bafuna aye kuphi uma i-Andelecht inquma ukumdedela.

“Kungenzeka abuye kuleli noma aye eMiddle East. NaseChina bakhona abamfunayo ngokunjalo nase-Europe. Kodwa iqiniso wukuthi okwamanje asikwazi ukuqala sibheke engxenye singakazi ukuthi i-Andelecht izokwenza njani ngaye,” kuchaza uMakaab.
EMAIL: Editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.