UMuwowo noSaleng kuthiwe abayolanda ifomu kwiSwallows

UMuwowo noSaleng kuthiwe abayolanda ifomu kwiSwallows
U-Austin Muwowo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

I-Orlando Pirates seyidedele abadlali abathathu ukuba bayolanda ifomu kwamanye amaqembu ngesizini ezayo. O-Austin Muwowo noMonnapule Saleng sebededelelwe iSwallows FC abazohlala kuyo isizini eyodwa.

UMuwowo, odabuka eZambia, ufike kwiPirates kumasizini amabili edlule kodwa wehluleka ukungena eqenjini eliqala imidlalo. Ibelokhu elunguza nje uma kwenzekile kwavela ithuba.

Kuthenjwe ukuthi uzokwazi uMuwowo ukuthi athole ithuba kwiDube Birds kwazise ihanjwelwe abadlali bayo basesiswini abafana noKgaogelo Sekgota noGiven Thibedi. USekgota usayine kwiKaizer Chiefs kanti uThibedi ubuyele kuyo iChiefs kwazise ubebolekisiwe kwiSwallows.

USaleng yena usayine kwiPirates ekuqaleni kukaJulayi esuka kwiFree State Stars kwiG;adAfrica Championship. Ube ngumdlali oshaye amagoli kunabo bonke kulesi sigaba ngesizini edlule.

Nokho abaqeqeshi bePirates sebekhethe ukuthi babolekile ngaye okwamanje kwazise baningi abadlali abezobanga naye abanamava kakhulu kunaye. Ubezobanga indawo nezinsephe ezifana noThembinkosi Lorch, Deon Hotto noVincent Pule phakathi kwabanye.

Omunye umdlali iPirates ebolekise ngaye nguJustice Chabalala oyisitobha. Okuxakayo wukuthi lo mdlali ufike adlale kahle lapho esuke ebolekiswe khona kodwa kwiPirates akalinikwa qobo ithuba.

FUNDA NALA: ISharks ingazithola isenkingeni uma ingayithatha kancane iGriquas

Selokhu afika uChabalala kwiPirates kumasizini amane edlule uhlale ebolekiswa kwamanye amaqembu. Kula masizini amabili edlule ubekwiBloemfontein Celtic. Kwisizini yakhe yokuqala esayine kwiPirates wayebolekiswe kuyi iVhippa le asebuyiselwa kuyo futhi.

Basakhona nabanye abadlali okulindeleke iPirates ibadedele noma ibolekise ngabo esingabala kubo uCollins Makgaka. Kuvela ukuthi lo mdlali angase abolekiswe kwiGolden Arrows.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.