UMwaruwaru usezocija iPlatinum Stars yaseZimbabwe

UBanjani Mwaruwaru

 

Sihle Ndlovu

Owayengumdlali weManchester City, uBenjani Mwaruwaru, usemenyezelwe njengomqeqeshi weNgezi Platinum Stars, edlala kwiZimbabwe Premier Soccer League.

UMwaruwaru, owake wayibamba kwiJomo Cosmos, eNingizimu Afrika, AJ Auxerre, eFrance neFC Grasshopper FC, eSwitzerland, wethulwe yiqembu ngokusemthethweni ngoLwesibili.

“INgezi Platinum Stars seyilethulile ithimba layo labaqeqeshi,” kusho isitatimende kwiTwitter.

“Leli thimba limbandakanya uBenjani Mwaruwaru, ozoba yinhloko yabaqeqeshi, bese kuba uBongani Mafu noTakesure Chiragwi, abazoba ngamaphini akhe.

“UTinashe Nengomashe uzoba yimenenja yeqembu kanti uJohn Vera uyena ozobe ecubungula ukuthi iqembu lidlala kanjani.”

UBenjani useke wasebenza eqenjini lesizwe laseZimbabwe. Ngaphambi kwalokho wenze izifundo zakhe zokuqeqesha e-United Kingdom, lapho edlalele khona iPortsmouth ngaphambi kokujoyina iManchester City.

Le ngwazi eneminyaka engu-43 manje, ike yadlalela iBlackburn Rovers neSunderland ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika izothi xhinti kwiChippa United.

UMwaruwaru une-Uefa A Licence kanti uzovala isikhala esivuleke ngokushiya kukaRodwell Dhlakama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.