UMweene uweze iSundowns eyidlulisa kwiChiefs ebinenkani yesele

UMweene uweze iSundowns eyidlulisa kwiChiefs ebinenkani yesele
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kwenzeke into ehlezi ilindelekile emidlalweni yendebe ngesikhathi uKennedy Mweene eba yiqhawe leMamelodi Sundowns ihlula iKaizer Chiefs kwiMTN8.

UMweene uvimbe amaphenathi amane, wabe eseyibeka enethini enye ayikhahlelile ukusiza iSundowns iwine ngo 2-1.

Isheshe yakuveza iSundowns ukuthi cha impela kuxatshenwe njengoba ibiyihubhisa izithunzi iChiefs umdlalo usuka nje.

Akuthusanga ukuthi ngomzuzu weshumi uPeter Shalulile alingqofele enethini ibhola ebeligotshwe ngakwesokunxele.

Uphinde wabuya emizuzwini embalwa ukusuka lapho, nokho kulokhu ibhola lakhe laphuma eceleni. IChiefs nay beyizama ukuya phambili kodwa izinto zayo zingahlangani kahle.

UThemba Zwane ube esengeza isisindo kwiChiefs ngegoli lesibili ngomzuzu ka-21. Udonse intambo esanda kungena nje kancane ebhokisini, lakhala enethini.

UMothobi Mvala naye uke wabuza kuKhune ukuthi uqine kanjani, wanqaba unozinti elichithela phezu kwepali.

UKhune uyobonga elakubo ukuthi ibhola likaLakay alizange lifike enethini njengoba ebesebhayizisekile, selimdlile kodwa lazishayisa epalini.

UBernard Parker ubuye wasehlisa isindo somsebenzi weChiefs eshaya igoli ngomzuzu ka-38 engqofela phakathi ibhola ebeligotshwe nguNjabulo Blom.

IChiefs ike yabuya ngamandla ngasekupheleni kwesiwombe kodwa yehluleka wukwakha amathuba acacile okushaya amagoli.

Iqhubekile iChiefs nokuzama esiwombeni sesibili. Nokho kuze kwaba wukungena kukaKeagan Dolly okwenze umehluko.

Lo mdlali uthe elithinta okokuqala nje ibhola, walibeka kamnandi phambi kukaKhama Billiat obe eselidlulisela ngobuchule enethini eshiya uKennedy Mweene enwebekile ezama ukulivimba.

Womabili amaqembu azamile ukwakha amathuba okuthola igoli lokuwina kodwa kwasho ukuthi awekho bukhali kahle phambili.

Umdlalo ugcine uphelezibambene ngo 2-2, kwabe sekuyiwa phansi kwepali iyoqedelwa khona indaba. Ilapho ke uMweene afike waba yiqhawe khona.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.