UMzinyathi ushaya isindiyandiya nemali yabawina kwiPrince Mangosuthu

UMzinyathi ushaya isindiyandiya nemali yabawina kwiPrince Mangosuthu
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sihle Ndlovu

Amathe abuyele kwasifuba, injabulo yasheshe yashabalala kubasubathi abebezitshela ukuthi bazoxosha ikati eziko ngokuwina kwiPrince Mangosuthu Marathon.

Lo mjaho bewungoSepthemba 5 kanti waba ngowokuqala kwemikhulu ebe khona kusukela kuvuliwe ukubuyela emgwaqeni.

Abahleli, iBiggarsberg Athletics Club beyixhaswe wumkhandlu uMzinyathi Municipality futhi kwethenjiswa ukuthi uzokhokha u-R100 000 kwabawinile.

Kodwa kuze kube manje kujahana izikelemu eziswini zabasubathi abawina kulo mjaho ohlelelwe ukuhlonipha Inkosi Mangosuthu Buthelezi uNdunankulu kaZulu.

Ngokuthola kweMpempe lo mkhandlu kuthiwa awubakhokhelile abasubathi kodwa isizathu asiveli ukuthi kungani belambisa abasubathi kangaka.

“Bona behamba basuthi nemindeni yabo kodwa abasubathi balambile izisu zithe ne ngemuva ngenxa yendlala.

“Kumanje abasubathi bafonele umqondisi walo mjaho uCeli Makhoba waphendula ngokuthi wathumela konke kwimenenja yalo mkhandlu uLethu Mthembu,” kusho umthombo.

Impempe izamile ukuxhumana nokhulumela lo mkhandlu uNomonde Nzimakwe wathi usazokhuluma noMthembu.

Kodwa kuze kwaphela amahora angu-24 kungenzekalanga lutho kumane kwakhala amabhungezi wodwa.

Siphinde sazama ukuxhumana nemenenja yaseMzinyathi kodwa ucingo belukhala lungabanjwa.

Lo mthombo uze walimisa ngembaba elokuthi lesi senzo sikamasipala sibi ngoba sihudulela igama loMntwana wakwaPhindangene alisebenzele kanzima odakeni.

UButhelezi waziwa futhi uhlonishwa emhlabeni jikelele ngenxa yemisebenzi emihle yakhe ayenzele izakhamuzi zakuleli.

“Lento abayenzayo kungubutha kabi kuMntwana ngoba akahambisani nokungcola kodwa uhambisana nokuthula nenqubekela phambili.

“Lo mkhandlu buqale into enhle kushuthi babeqale lo mjaho ngokuthi badlale ngabasubathi bevele balambile ngoba bekungekho mijaho nje ngenxa yeCovid-19.

“Manje bayabukisa ngezingane zabantu kodwa uMdali uyobabona bekhohlisa abantu ngale ndlela,” kwengeza umthombo.

FUNDA NALA: IPirates iyowuqala eCongo umkhankaso wase-Afrika

Ucele ukuba singalivezi igama lakhe ukwenqena ukugcina esekhipheka inyumbazane. Uthe lolu daba sebezama izindlela zokuludlulisela nakuye uMntwana wakwaPhindangene.

Ngelanga lo mjaho nguye uButhelezi owayemukela abasubathi abawinile entanjeni.

Lo mjaho wawinwa uLoveness Madziva waseZimbabwe kwabesifazane kwathi kwabesilisa wadliwa uNkosikhona Mhlakwana.

Uma umkhandlu sewuphendulile, sizoyishicilela impendulo yawo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.