UNange uselobizela ukuzibonakalisa kwiChiefs ngemuva kokulinda unyaka

UNange uselobizela ukuzibonakalisa kwiChiefs ngemuva kokulinda unyaka
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kufanele ukuba kumqinisile uPhathutshedzo Nange ukuphoqeleka ukulinda unyaka wonke ngaphambi kokuthi afeze iphupho lakhe lokudlala kwiKaizer Chiefs.

UNange ngomunye wabadlali abake bajima neChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini edlule ngethemba lokuthi bazosayinwa.

Kodwa kwaphoqa ukuthi bahambe beyolindela kwamanye amaqembu. Lokhu kwakulandela ukuthi isicelo seChiefs sokuguqulwa kwesigwebi ebesibavimbela ukusayina abadlali sachithwa.

UNange wabe esejoyina iStellenbosch FC. Cishe abalandeli beChiefs bazomkhumbula eshaya igoli lokubeka phambili leli qembu laseKapa phambili libhekene naMakhosi qede wehluleka ukulijabulela.

Kwacaca lapho ukuthi ugqoke ijezi elingafanele ngalelo langa, ngokwakhe ngabe ukulezi zaseNaturena. Kodwa manje ithuba lakhe selifikile.

Usevele ke uke wawezwa amanzi ngobhoko ngesikhathi edlala emdlalweni weCarling Cup bebhekene ne-Orlando Pirates. Wayikora iphenathi yakhe.

“Okokuqala nje, ngifisa ukusho ukuthi ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yomndeni,” kusho uNange ngoMgqibelo.

“Bekungalula ukuza kwami lapha, kodwa ke sengijabule ngoba sengize ngafika. Bangamukele kahle futhi ngizizwa ngiyingxenye yomndeni.

FUNDA NALA: UMotswari uncoma abasayinwe yiPirates, uthi sebeyiqembu eliphelele manje

“Nasekhya bangijabulele kakhulu ngoba leli bekuyiphupho lami kusukela kudaal. Ngila bengikade ngifisa ukuba khona.

“Uma ungumdlali webhola ufisa ukudlala kwelinye lamaqembu amakhulu. Leli ngelinye lamaqembu amakhulukazi ezwenikazi.

“Manje sengifuna ukubambisana zokakwethu ukuze siqinisekise ukuthi kuphela isizini sinayo indebe esiyiwinile. Sizokusebenzela kanzima lokho,” kuqhuba yuNange.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.