UNange uyazithulela kodwa imisebenzi iyamkhulumela enkundleni

UNange uyazithulela kodwa imisebenzi iyamkhulumela enkundleni
UPhathutshedzo Nange
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uma uhlangana noPhathutshedzo Nange engekho enkundleni, uzibonela insizwa ezihloniphelayo futhi enamahlonyana.

Kodwa uma esesenkundleni uyajika, aphenduke omunye umuntu. UNange ngomunye wabadlali abasha kwiKaizer Chiefs ababonakala sebeyibekisile indawo eqenjini likaStuart Baxter.

Ubeyibambe kahle esiswini ngempelasonto edlule ngesikhathi Amakhosi ebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN 8.   

“Kube wumdlalo omuhle kithi futhi sikwenze kahle obekufuneka kithi,” kusho uNange ephawula ngalo mdlalo wano neSundowns. 

IChiefs ibuye kade seyilandela ngemuva ngamagoli amabili yaze yaphoqa ukuthi umphumela uyonqunywa sekukhahlelwa amaphenathi.

Kulapho ke elifike lagoba khona kwiChiefs njengoba unozinti weSundowns, uKennedy Mweene egile izimanga evimba amaphenathi amane.  

“Kube yishwa nje ukuthi sigcine singakwazanga ukudlulela emzuliswaneni olandelayo kulo mqhudelwano. Kusidumazile kakhulu lokho. 

“Kepha ngijabule ngendlela engidlale ngayo nangendlela iqembu elidlale ngayo. Kukhola la kusamele silungise khona ukuze senze lena kube yisizini enkulu.”

UNange uphume esexhugela kulo mdlalo wangempelasonto edlule ngemuva kokubanjwa amajaqamba.

Kodwa manje usebuyele esimweni futhi usekulungele ukubuyela ensimini uma sebebhekene neTS Galaxy emdlalweni wabo wokuqala kwiDStv Premiership ngeSonto.

“Sengiluleme ngokugcwele. Inkinga kube wukuthi angidlalanga imidlalo eminingi ngesizini edlule (kwiStellenbosch).

“Sesiwufuna la lo mdlalo. Silambile futhi sifuna ukwenza kahle kule sizini. Sifuna ukuthi iphele kukhona okuphathekayo esizophuma nakho.”

Uthe njengoba itheze izinduku ezintsha nje neGalaxy akulula ukuyihlaziya ukuthi izobe idlala kanjani. Sebeyobona khona eMbombela Stadium.  

“Asazi lutho olutheni ngabadlali babo abasha ababathengile. Kodwa sizwile ngandlebenye ukuthi abababi neze…

“Sizozinikela futhi silandele amaqhinga esinikwe wona ukuze sibe nethuba lokuwina lo mdlalo ozobe unzima. 

“Sifuna ukuwuqala kahle umkhankaso weligi ngokuthi siwole amaphuzu aphelele. Uma ufuna ukuthi kube khona onakho ekupheleni kwesizini kumele usheshe uqale ukuqoqa amaphuzu.  

“Ngijabule lapha (kwiChiefs). Osekumele kwenzeke manje wukuthi senze umsebenzi esiwuzele lapha, sisebenze ngokuzimisela.

FUNDA NALA: UPhilani Zulu ‘ubuyele ekhaya’ kuMaZulu 

“Sizozikhandla ukuze sizuze konke esizibekele khona njengeqembu ukuthi sifuna kuphele isizini sinakho njengeqembu nomdlali ngayedwana.”

Uma iChiefs ingaqeda emaqenjini amathathu aphezulu kwilogi kule sizini kuyobe isebenzile kwazise ingene sekuvalwe amehlo kwiTop 8 ngesizini edlule.

Ngaphezu kwalokho, iqembu lisabunjwa kabusha njengoba kunenqwaba yabadlali abasha kanti nomqeqeshi usanda kufika yize esebuya isibili.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.