UNascimento usethole ikhaya elisha kwiRoyal AM

UNascimento usethole ikhaya elisha kwiRoyal AM
URicardo Nascimento
OkaDonga Gumbi

Usesheshe wazitholela ikhaya kwiRoyal AM uRocardo Nascimento olaxazwe yiMamelodi Sundowns ngoJanuwari.

Lo mdlali waseBrazil ubengomunye wabangaconsi phansi kubalandeli bamaSandawana futhi kubethusile ukudedelwa kwakhe isinyelela.

Ekuqaleni kwesonto lo mdlali ukuqinisekisile ukuthi useshiyile kwiSundowns njengoba iqembu lona belingakaze lisho lutho ngaye yize ebeselisebenzele isikhathi eside ngokwethembeka.

Kuke kwavela nemibiko ethi uNascimento ukunqabile obekubekwa yiSundowns etafuleni ukuze aqhubeke ahlale kuyo kwabe sekunqunywa ukuthi achithwe yize bekusasele izinyanga eziyisithupha kwinkontileka yakhe.

FUNDA NALA: UCastro weChiefs usejahe ukubhakuzisa inethi kwiTS Galaxy

Sekuthe ngoLwesine ntambama iRoyal AM yaveza ukuthi isigcxume yamthatha uNascimento oneminyaka engu-35.

“Sikubeka obala esifuna ukukuzuza, kumele siqale ngokuqinisa udonga lwethu lwasemuva futhi sesikujahe kabi ukudlala umdlalo wethu wokuqala (onyakeni).

“Siyakwamukela ekhaya (lakho elisha) Nascimento,” ibhale kanje iRoyal AM ezinkundleni zayo zokuxhumana yamukela lo mdlali wasemuva.

IMaMkhize Boys izgadulisana neCape Town City emdlalweni weNedbank Cup eChatsworth Stadium ngeSonto ntambama.

Ngeke kuthuse ukubona uNascimento eseqenjini eliqalayo kulo mdlalo njengoba enamava aziwayo kulei futhi esesimweni esihle ngokokuba fithi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.