Uncengele uLewandowski anikwe indondo ka-2020 uMessi

Uncengele uLewandowski anikwe indondo ka-2020 uMessi
URobert Lewandowski
UDABA: Mhlengi Cele 
ISITHOMBE: Twitter 

Ukhombise ukuba nobuntu uLionel Messi ngesikhathi enxenxa ukuba uRobert Lewandowski anikwe indondo obekufanele ayiwine ngonyaka odlule.

UMessi uthe uyayijabulela indodo yakhe yeBallon d’Or kodwa uLewandowski naye kufanele anikwe eyakhe ngokuba ngumdlali ovelele ngo-2020.

Le nkunzi iqophe umlando ngoMsombuluko ebusuku inqoba iBallon d’Or yakhe yesikhombisa.

ULewandowski yena unqobe indodo yokuba ngumgadli wonyaka ovelele waqede waphuma isibili embangweni weBallon d’Or.

Emidlalweni engu-40 uMessi ayidlalile ngo-2021 kwiBarcelona nakwiPSG ushaye amagoli angu-32 wakha amanye angu-12.

Okuchaze abaningi ukuthi indodo yakhe yeBallon d’Or uyinikwe ngumngani wakhe uLuis Suarez obedlala naye kwiBarca.

ULewandowski kulo nyaka yena ushaye amagoli angu-52 emidlalweni engu-42, waqopha umlando wokuba ngumdlali obaqwaqwade bonke emakhada kumaligi amahlanu aphambili e-Europe.

“Wena (Lewandowski) ufanelwe yiBallon d’Or,” kusho uMessi ngaphambi kokwamukela indodo.

“Ngonyaka owedlule wonke umuntu – sonke savumelana ukuthi akekho odlale njengawe emhlabeni.

“Nginethemba lokuthi iFrance Football izokunika iBallon d’Or yakho yango-2020.”

Naye uLewandowski umhalalisele uMessi, bonke abanqobile nabebeqokelwe kuyo yonke iminxa kulezi zindondo.

“Halala Messi, nakuwe Alexia Putellas ngokunqoba iBallon d’Or ka-2021, ngihalalisela nabo bonke abebeqokiwe,” kubhala uLewandowski ezinkundleni zokuxhumana.

FUNDA NALA: Kukhona abaphoxekile kuwina uMessi

“Ngiwine indodo yokuba ngumgadli wonyaka ovelele, kodwa akekho umdlali ongawina indodo yedwa ngaphandle kweqembu eliqinile… Ngiyabonga ngothando nokungisekela kwenu.”

UMessi ugcizelele ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yokwamukela indodo ukuthi akakucabangi kwakhona ukuthatha umhlalaphansi.

“Angazi nami ukuthi ngisalelwe iminyaka emingakhi ngidlala ibhola, kodwa ngithemba ukuthi isemningi impela ngoba kusamnandi ebholeni,” kugcizelela uMessi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.