UNcikazi ubona uzoba nzima abazowudlala neBucs

UDanny Phiri ubuye kwezwakala iLamontville Golden Arrows ibhekene neMaritburg United

MTHOKOZISI MNCUSENI

Uqine isibindi ngamabutho akhe yize isikwati sivavekile, umqeqeshi weLamontivlle Golden Arrows, uMandla Ncikazi ohlelela i-Orlando Pirates koweDStv Premiership ngoLwesibili ngo-5 ntambama, eSugar Ray Xulu Stadium.

I-Arrows iya kulo mdlalo ihambela phezulu kwazise ishaye iMaritzburg United emdlalweni ohlale njalo uyinkinga.

KwiMaritzburg, i-Arrows iqale ngebatha yazithola isilandela ngemuva maphakathi nesiwombe sokuqala.

Ukube futhi iMaritzburg ibizimisele ngempela ibingawuqeda esiwombeni sokuqala lo mdlalo njengoba noNcikazi uvumile ukuthi sibakhiphe inkani isiwombe sokuqala.

Babuyile Abafana Bes’thende esiwombeni sesibili bashaya amagoli amabili base beyeka inqwaba okugcine kungabanga yinkinga nokho.

Ngemuva kwalo mdlalo uNcikazi ubebonakala ngisho ebusweni ukuthi ujabule kangakanani ngabadlali bakhe ikakhulukazi laba abangalijwayele ijezi.

Kunenqwaba yabadlali abalimele kwi-Arrows. Iningi labo yilaba abajwayele ukuqala imidlalo. Kulo mdlalo uNcikazi uphoqeleke ukuthi asebenzise uDanny Phiri ongene washaya into ecokeme uma uzokhumbula ukuthi ugcine ukuthinta ibhola ngo-Okthoba nyakenye.

“Indlela ayelimele ngayo uPhiri kunodokotela abamtshela ukuthi akakhohlwe yibhola kodwa ungene namuhla sisenkingeni wafike wasikhipha kuyona,” usho kanje uNcikazi.

Lo mqeqeshi uthe kungenxa yabadlali abafana noPhiri ezokwamukela iPirates eqine isibindi.

“Akusona isikhathi esikahle sokudlala nePirates lesi, kwazise ihambela phezulu iwadle egcwele kwiSoweto Derby,” kusho lo mqeqeshi.

“Unzima lo mdlalo esiya kuwona. Ngenyanga nje eyodwa (uJanuwari) kwenzeke umonakalo omkhulu eqenjini lethu silahlekelwa abadlali abamqoka ngezizathu ezahlukene.

“Uma uzokhumbula ukuthi isikwati sethu sincane kuzokucacela ukuthi ingakanani inkinga esibhkene nayo.

“Asilona iqembu elinophawini owanele ukwenza izinguquko esikimini, ngakho-ke lo mthwalo osemahlombe alaba abadlalayo manje ngifisa bakwazi ukuwumela uma sesibhekene nePirates ngoba unzima.

“Sihlangene futhi sijabule ekhempini. Engingakungabazi ukuthi abadlali bami bazozinikela ngakho konke abanakho kulo mdlalo kodwa ngikhulekela ukuthi amandla abo anele ukuthi sithole umphumela ogculisayo ngoLwesibili,” kusho uNcikazi.

Emasontweni amabili adlule la maqembu ashayane aze abukana e-Orlando Stadium kuba u 0-0.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *