UNcikazi uchaza ngokungadlali kukaMhango kwiPirates

UNcikazi uchaza ngokungadlali ukuthi kungani uMhango engadlali
UGabadinho Mhango
Intatheli yeMpempe

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi uGabadinho Mhango kumele azikhandle, alisebenzele ithuba lakhe eqenjini.

Lo mgadli waseMalawi ube yiqhawe lezwe lakhe kwi-Africa Cup of Nations eCameroon la bephume khona esigabeni somkhumulajezi.

UMhango ushaye amagoli amane kulo mqhudelwano kanti elihehe amehlo abantu abaningi alishye bebhekene neMorocco.

Wadonsa intambo ende engaphandle kwebhokisi, wayizwa ngendaba nangenhokomo yabalandeli beMalawi unozinti ukuthi seligaxele entanjeni.

Nokho kuthe uma iPirates ibuyela ekundleni ngeSonto ntambama uMhango ubengekho, okwenze abantu abaningi bazibuza baziphendula.

“IPirates yiqembu elikhulu. Sinenqwaba yabagadli. Kukhona uMhango. Kukhona u(Zakhele) Lepasa, u(Tshegofatso) Mabasa obengekho naye eqenjini namuhla.

“Bese una no(Kwame) Peprah,” kusho uNcikazi ngemuva komdlalo wabo naMaZulu. IPirates inqobe ngo 1-0 kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngegolu elihle likaDeon Hotto.

“Sinenqwaba yabagadli abahle yize abanye bebesalimele. Ngakho sinelungelo lokukhetha kulaba bagadli abanye babo ebebelokh beilungiselela. UMhango naye usebuyile.
“Siyamazi ungumdali omuhle kakhulu futhi hhayi ukuthi kukhona mhlambe okubi ngaye, wukuthi nje ziyalwela izindawo eqenjini,” kuchaza uNcikazi.
UMhango wake wamiswa kwiPirates kulandela ukungena ehlazweni kade eyophuza namantombazane wagcina
esehluleka ukukhokha.
“Njengamanje sikhethe ukusebenzisa uPeprah noLepasa. Uzolithola naye elakhe ithuba ngokuhamba kwesikhathi.
UMabasa ubengekho eqenjini akakwazanga ukungena kubadlali abangu-20 ebesizobasebenzisa kulo mdlalo kanti naye ungumdlali osezingeni eliphezulu odlala naseqenjini lesizwe.
“Yingakho noMhango kuzomele alinde naye njengabanye abadlali. Simbonile izimanga abezenza kwi-Afcon futhi siyazihlonipha.
“Kodwa mhlawumbe iligi yasenIngizimu Afrika inkulu kune-Afcon, kodwa lokho yindaba yokuxoxwa ngelinye ilanga,” kusho uNcikazi.
editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.