UNcikazi ufuna iPirates ibe wumshini ogunda konke okuphambi kwayo

UNcikazi ufuna iPirates ibe wumshini ogunda konke okuphambi kwayo
UMandla Ncikazi noVincent Pule
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi osabambile kwi-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi iyabaphoxa lento yokuthi leli qembu libambane anamaqembu afana neCape Town City.

“Ngiphoxeke kakhulu ngomphumela,” kusho uNcikazi. IPirates ibambane neCity ngo 1-1 eKapa ngoMgqbelo kusihlwa.

Bekuyiyo iPirates elishaye kuqala igoli futhi ngasekuqaleni komdlalo bekubukeka ihlangana kahle ingase iwine.

“ICape Town City yiqembu elihle kakhulu. Kodwa iPirates yiqembu elikhulu okumele lihlale lifuna ukuwina yonke imidlalo eliyidlalayo.

“Sihlulekile ukumelana nendlela abebezihlele ngayo sabe sesijika eyethu. Angikholwa wukuthi yiyona ndlela ebesifuna ukudlala ngayo isiwombe sesibili lena.

“IPirates ayikho kuleli zinga wonke umuntu alindele ibe kulo. Njengamanje asikukhombisi ukuthi siyiqembu elikhulu ngendlela esidlala ngayon.

“Abantu kumele baziqhenye ngePirates, kodwa ukukhuluma iqiniso nje, asikafiki kulelo zinga,” kuchaza uNcikazi.

Uthe into asebezoyisebenza ejimini manje wukuqinisa indlela abagcina ngayo ibhola nokuthi lingabalahlekeli kalula.

Uthi abadlali abanekhono lokwenza lokhu bakhona kuyikho nje ukuthi kusashoda lapha nalaphaya.

“Into ebalulekile manje esizoqinisa kuyo wukugcina ibhola silawule umdlalo. Uma kuyithi esiphethe ibhola silawula umdlalo sifuna ukukusebenzisela ukuhlasela lokho.

“Kumele sibalawule esidlala nabo ngokuthi ibhola lihlale ngakithi isikhathi esiningi, sikwazi ukujika izinto uma siqeda kuthola noma ukulahla ibhola.

FUNDA NALA: UMcCarthy uphexeke waphelelwa amazwi bebanjwa inkunzi unompempe

“Indlela esakha ngayo amathuba kumele ijike, sakhe amathuba amaningi. Leyo yinto esilimazayo njengamanje.

“Uma sesingaphansi kwepali akumele sibe nomusa kodwa sikwazi ukusebenzisa wonke amathuba esiwatholayo.

“Kumele senze kangcono nangamabhola esiwabekelwe phansi, nalokho enye yezinto ezisebenzayo ngazo ukuzilungisa,” kusho yena.

Uma kuwukuthi engakwazi ukwenza iPirates idlale ngendlela iqembu abeliqeqesha ngesizini edlule iGolden Arrows ebidlala ngayo, abalandeli bengamthanda ukufa.

Sekunesikhathi iPirates ingadlali kahle futhi nezindebe sezifana nabakhwekazi yize inabadlali abahle.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.