UNcikazi ufuna kunqandwe ukuwola kweSundowns bonke abadlali

UNcikazi ufuna kunqandwe ukuwola kweSundowns bonke abadlali
UMandla Ncikazi
OkaDonga Gumbi

UMandla Ncikazi we-Orlando Pirates ukhala ngokuthi kuzoba nzima ukuvimba iMamelodi Sundowns ukuthi izichanasele uma ingalawulwa ekutheni isebenzise imali engakanani.

UNcikazi ukhala nje iSundowns seyiyiphendule inkundla yayo iDStv Premiership njengoba seyidle izicoco kwaze kwaba kahlanu kulandelana.

Iwine esesihlanu ngoLwesithathu ngemuva kokubambana neCape Town City, yize isasalelwe yimidlalo emine.

“Kumele bakalelwe imali abavumeleke ukuyisebenzisa ukuthenga nokukhokhela abadlali ukuze kube nokulingana ngoba iCovid-19 iwaphazamisile amanye amaqembu.

“Aphazamiseke ngokungabi khona kwabalandeli nangokwezimali, iSundowns yona ayiphazamisekanga,” kusho uNcikazi kwabeSowetan.

“Amanye amaqembu athembela kubadlali abathola kumaligi amancane bekubheda ngoba amaligi eSafa abevaliwe.”

Ube esenza umzekelo ngokuthi iSundowns ifana nomuntu ovele ayothenga esitolo seziqumama iWoolworths abanye besakhala ngokudula kwezitolo ezincane.

“Lento ifana nokuthi iSundowns ithenga eWoolworths thina sibe sithenga ePick n Pay naseSpar.

FUNDA NALA: OweTS Galaxy usanethemba lokuvika izembe yize kutshekile

“Uma uPick n Pay noSpar bevaliwe, asinayo indawo esingathenga kuyo. Ngicabanga ukuthi umzekelo oyichaza kahle lento loyo.

“Bona bathenga abadlali asebevele belungisiwe, yilowo umehluko. Kodwa ke nathi siyiPirates kumele sinyuse izinga.

“IPirates ayisele kude kakhulu kwiSundowns (ngokwezinga labadlali). Mhlawumbe ukube asibanga nebhadi lokulinyalelwa ngabadlali – bebengu-13 abebelimele – besizokwenza kangcono.”

Ukuvumile ukuthi indlela enabadlali abahle ngayo iSundowns babafaka itwetwe abamanye amaqembu asuke ezobhekana nayo.

“ISundowns iyazichanasela njengamanje futhi uma uzobhekana nabo, kuba nexhala nokwesaba,” kuvuma lo mqeqeshi.

“Uma abadlali (bamanye amaqembu) bengazama ukukugwema lokho, ngicabanga ukuthi lingaba khona ithuba lokuyimisa iSundowns.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.