UNcikazi ukhale ngamaphutha kwezakhe bedliwa yiCity

Sihle Ndlovu

Uzwakale ephoxekile ngendlela abadlale ngayo umqeqeshi weLamontoville Golden Arrows, uMandla Ncikazi, ngemuva kokuthi beshaywe yiCape Town City ngo 4-2 koweligi, eKapa, ngeSonto ntambama.

Abafana Bes’thende bebeqala ukushaywa emidlalweni yeDStv Premiership kule sizini. UNcikazi uthe yize engajabulanga ngendlela abadlale ngayo neThe Citizines kodwa uthemba ukuthi bafundile emaphutheni abawenzile kulo mdlalo.

“Angicabangi ukuthi lona ngomunye wemidlalo yethu esiyidlale kahle. Mhlawumbe umphumela ukuchaza kahle konke okwenzeke emdlalweni. Iqembu lethu liqale kabi kakhulu kodwa lagcina linconywana ngokuhamba komdlalo,” kusho uNcikazi.

“Bashaye igoli futhi angicabangi ukuthi besisemdlalweni kwaze kwaba bashaya igoli. Sibuyile kwaba ngu 1-1. Ngicabanga ukuthi sikhulile njengeqembu ngesikhathi sekungu 1-1. Ngesikhathi sesibuya ekhefini sibuye ngamandla sahamba phambili.

“Ngemuva kwalokho ngicabanga ukuthi sidlalele emuva kakhulu, ikakhulukazi ngoba besibhekene neqembu elidlala njengeCape Town City. Akufani neqembu lethu, senze amaphutha ambalwa emuva, sahlawula kanzima.

“Ngicabanga ukuthi ukube asiwenzanga amaphutha besizobe sisekhona emdlalweni. Nokho iqiniso ukuthi ukudedela amagoli amane emdlalweni owodwa kuchaza kona ukuthi bekungasifanele ukuwina umdlalo. Nokho ngiyaziqhenya ngamasosha futhi nginethemba ukuthi sifundile kulokhu.”

I-Arrows inomdlalo onzima wabakhaya lapho izobhekana neMaritzburg United eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo. Umdlalo phakathi kwala maqembu uhlale uvutha futhi uneziwombe eziphakamisa amaphaphu emabhentshini amaqembu womabili.

Leave a Reply

Your email address will not be published.