UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
UMandla Ncikazi we-Orlando Pirates uthi yize ukubuya bewinile bekungaba wumphumela obungababeka endaweni engcono kakhulu, kodwa ukubuya bengandliwanga kuyancomeka.
Ukusho lokhu uma ebheka izimo abebebheke nazo kusukela kwimpatho kuya enkundleni okudlalelwe kuyo umdlalo wabo weCAF Confederation Cup.
IPirates ibambane ngo 0-0 neDiables Noirs ekuhambeni eCongo Brazzaville ngoLwesihlanu kusihlwa.
“Uma sibheka izimo ebesibhekene nazo eCongo Brazzaville, asilamukeleni iphuzu,” kusho uNcikazi ngemuva komdlalo.
“Kumele sibheke ukudlala ngokuzimisela kwabadlali, isimo sezulu (sokushisa), inkundla enotshani bokuzakhela nokuthi besiphethwe kanjani.
“Kukho konke okwenzekile kumele sincome ukuzimisela nendlela abaziphathe ngayo abadlali.
“Asiwamukele lo mphumela, akuphelile ngathi njengamanje ngoba uzokhumbula ukuthi uma beke balishaya igoli sesisekhaya kuzoba yinkinga.
“Kodwa ngicabanga ukuthi sinakho okudingekayo ukubahlula uma sesidlala ekhaya.
“Ngijabule ngendlela esidlale ngayo nendlela okulandelwe ngayo amacebo ethu okudlala,” kuchaza uNcikazi.
Umdlalo womlenze wesibili uzoba semavikini amabili ezayo e-Orlando Stadium la kuyocaca khona odlulela phambili kulo mqhudelwano.