UNcikazi uncome ukuzimisela kukaMmodi bedla iBucs

UPule Mmodi weLamontville Golden Arrows ushaye amagoli amabili behlula i-Orlando Pirates koweligi

SIHLE NDLOVU

UMandla Ncikazi oqeqesha iLamontville Golden Arrows uthi iqembu lakhe beliwumshini yonke indawo ngesikhathi lishaya i-Orlando Pirates ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoLwesibili.

Abafana Bes’thende bayiphendule izingane iBucs kulo mdlalo lapho bekuvutha khona uPule Mmodi oshaye amagoli amabili. Izinto bezivuna iqembu lasekhaya kangangoba uThembinkosi Lorch uze wageja nephenathi ayibhamuze phezu kwepali.

Empeleni i-Arrows ibingawina ngamagoli amaningi kulo mdlalo kodwa yangakusebenzisa ukuthi iPirates ibibuye ihlakazeke ngendlela exakile emuva ngesikhathi izama ukuthola igoli lokulinganisa.

UNcikazi uzwakale ejabule ngemuva komdlalo lapho ethe bebeyehlula kuwo wonke umdlalo iBucs.

“Ngicabanga ukuthi omunye waleyo midlalo lapho besishaya into ecokeme kuzo zonke izindawo. Sibhekane kahle nabonombolo 10 babo ababili, senza kahle emabholeni asemoyeni. Nangesiwombe sesibili ngicabanga ukuthi bebenesikhathi esiningi ebholeni kodwa yithina esakhe amathuba amaningi.

“Ngiyaziqhenya ngokuthi iqembu lilokhu liya phambili. Sisahamba ngendlela ebesifisa ngayo, asifuni ukuzifakela ingcindezi. Sidlala kahle futhi umsebenzi uqhubeka ngendlela. Ngiyaziqhenya ngokuba umqeqeshi waleli qembu,” kusho uNcikazi.

Ube esencoma uMmodi ngokushaya into ecokeme kulo mdlalo njengoba ebezihlupha izitobha zePirates.

“Sikhulumile naye (uMmodi) ngesikhathi ngikhuluma neqembu lonke, ngathi lalela uwena okhahlelela ipali kakhulu. Qhubeka nokwenza lokho. Ngeke uyiwine ilotto uma ungayidlali. Ngiyaziqhenya ngalo mfana osemncane,” kusho uNcikazi.

I-Arrows isizogxila emdlalweni weNedbank Cup Last 32. Izokwamukela omakhelwane AmaZulu FC eSugar Ray Stadium, ngoMgqibelo

Leave a Reply

Your email address will not be published.