UNcikazi uphoxekile iPirates iphinde ibanjwa yinomfi kwiGallants

UNcikazi 'uphoxekile'iPirates iphinde ibanjwa yinomfi kwiGallants
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Uveze ukuphoxeka kwakhe uMandla Ncikazi oyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates ngemuvakokuthi leli qembu liphinde ladlala ngokulingana kwiDStv Premiership.

IPirates ibambane neMarumo Gallants ePeter Mokaba Stadium ngoLwesibili kusihlwa yize kade kuyiyo ephatha ibhola isikhathi eside.

Beyihluleka wukugqekeza udonga lwasemuva lweGallants ukuze yakhe amathuba okushaya amagoli kwaze kwaba umdlalo uphela zibambene.

Nasemdlalweni wokuqala iPirates ibambane neStellenbosch FC, nakhona kade kuyiyo ephethe ibhola.

“Ngiphoxekile ngomphumela… Bengithi sizowathola amaphuzu,” kusho uNcikazi ngemuva komdlalo ngoLwesibili.

“Kodwa uma ubuka indlela imbangi yethu ebidlala  ngayo, bebehleli emuva kakhulu.

“Kusaqala isizini kanti sisazama ukuthola umgqigqo njengeqembu. Bengingalindele ukuthi bazohlala emuva ngaleya ndlela.

“Kuningi okusamele sikulungise. Uma kuwukuthi sizowina imidlalo, kuzodingeka sakhe amathuba bese siwasebenzisa noma ngabe imbangi idlala kanjani.

“Esiwombeni sokuqala sibe nawo amathuba kodwa asilisebenzisanga. Sisakha ke kodwa. Ngiphoxeke ngomphumela,” kuchaza uNcikazi.

Unethemba nokho lokuthi izinto ziya ngokulunga. UNcikazi uthi ukhona umehluko abawubonayo eqenjini labo.

“Ngichazekile ngokubona ubungcono nokuzethemba eqenjini ngendlela abanikezelana ngayo ngebhola,” kuchaza yena.

Amathuba abekhona ikhakhulukazi esiwombeni sesibili njengoba bekubukeka inomfi seyibadedele abadlali.

Kodwa nawo abembalwa futhi awazange asetshenziswe ngendlela efanele ngaphandle kwelikaCelimpilo Ngema ibhola lakhe leishaye ipali.

FUNDA NALA: UHotto nguyena obevelele ngempelasonto edlule ebholeni lakuleli

Yize ingakahlulwa iPirates, kodwa indlela enenomfi ngayo izoqala ukubakhathaza abalandeli bayo bese yehlisa nomdlandla wabadlali.

Nokho okuhle wukuthi ayikehlulwa kule midlalo emibili yeligi esayidlalile kanti seyizobheka ukuthi ilungise amaphutha ngesikhathi sekhefu lemidlalo yamazwe ngamazwe.

Izoze ibuyele enkundleni ngoSepthemba 11 seyizobhekana neSwallows FC. Ziyakweletana ke lezi zinkunzi njengoba iSwallows kuyiyo eyakhipha iPirates kwiMTN 8.

IIGallants yona izojabula ngokuthola iphuzu layo lokuqala lesizini eqenjini elikhulu nokubhekwe ukuthi libe semjahweni wesicoco.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.