UNcikazi uthi iSundowns seyikhale yemuka nesicoco, sebeyayiphelezela nje

UNcikazi uthi iDowns seyimuke naso isicoco, bona sebeyayiphelezela nje
UMandla Ncikazi
OkaDonga Gumbi

Usevele waqunga isibindi waligwinya libaba linjalo iqiniso lokuthi isicoco seDStv Premiership siya kwiMamelodi Sundowns umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi.

Kusekhona ke abangakakuvumi lokhu, abathi namanye amaqembu asenalo ithuba lokuthi engagcina esihlwithile lesi sicoco.

Nokho iqembu okuyilona elisethubeni elihle lalokhu yiyo iPirates kodwa uNcikazi akakuboni kwenzeka, ngaphandle uma iSundowns ingangenwa wudungunyane, bese isidedela lesi sicoco.

“Sekumele sizibheke thina, sizame ukuqoqa amaphuzu ngayo yonke indlela, sizame ukubeka iPirates kwelinye izinga.

“Sizame ukudlala ibhola leli qembu elaziwa ngalo,” kusho uNcikazi. Uthi igebe elivulwe yiSundowns selilikhulu kakhulu ukuthi kungakhona abangayifica.

FUNDA NALA: Kubukeka imhlula iChiefs uBaxter kulokhu – akuhlangani nhlobo

“Ngiyazi igebe selilikhulu kakhulu phakathi kwethu neMamelodi Sundowns, kodwa sizozibheka thina kuphela.

“ISundowns isingaziyekela nje isicoco, isithathe isikhiphe ekhabetheni layo isibuyisele esithebeni uma ithanda. Kodwa mina gibona sengathi sesihambile,” kuqhuba uNcikazi.

Umzabalazo wokuqoqa amaphuzu ngenhloso yokuqeda endaweni yesibili ukuze bayodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo uyaqhubeka kwiPirates.

NgoLwesithathu eZimnyama zizogadulisana neGolden Arrows e-Orlando Stadium emdlalweni ozodlalwa ngosuku zalwa ngalo uNcikazi.

“IGolden Arrows… womunye umsebenzi osihlalele lowo… Uyacabanga nje kunjani ukubhekana neqembu lakho lakudala ngosuku lwakho lokuzalwa.

“Kodwa ke lokho akubalulekile, lento ayikho ngami, ingePirates, ingamaphuzu. Kubalulekile ukuthi siwine ngoLwesithathu bese sibheka umsebenzi olandelayo,” kusho uNcikazi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.