UNcikazi uthi kumele abonge okukhulu, abonge okuncane, emva ngokuwina ngenciciyela kwiTTM

OkaDonga Gumbi

Usale engenelisekile ngokungawashayi kweqembu lakhe amagoli kusenesikhathi ukuze asheshe aqede ngomdlalo umqeqeshi weLamontville Golden Arrows eshaye iTshakhuma Tsha Madzivhandila ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eSugar Ray Xulu Stadium ngoMgqibelo ntambama.

UMandla Ncikazi uthe ubona sengathi bekufanele bashaye imbudlu yamagoli baqede ngalezi zimbangi zabo zaseVenda, eLimpopo. zingaze zizibone zinethuba lokwenza okuthile.

“Ngicabanga ukuthi sibe namathuba amaningi. Bekumele sishaye amagoli. Bekumele sisheshe siwashaye ngoba uma ungakwenzi lokho izimbangi zakho zizibona zinethuba ukuthi zibuye zikujikele.

“Bekuwumdlalo ebezigadulisana impela kodwa ngisaziqhenya ngokuthi siwathathe wonke amaphuzu. Kodwa ngisafisa ukuthi ngabe siwasebenzise wonke amathuba esiwatholile. Ngicabanga ukuthi alikho iqembu eligeja njengathi kwiligi njengamanje. Amabhola alula avele angangeni enethini.
“Kodwa ngijabule ngokuzinikela kweqembu nokuthi lisancishana emuva. Uma siqhubeka nokudlala kanje kodwa siwathole amaphuzu kumele ujabule,” kuchaza uNcikazi ngemuva komdlalo.
Igoli lokuwina laBafana Bes’thende lishaywe nguVelemseni Ndwandwe obedlala umdlalo wakhe ka-50 kuleli qembu laseThekwini.
UNcikazi uthe mhlawumbe uwumuntu onomhobholo ofuna izinto eziningi futhi ezinkulu ngaso sonke isikhathi.
“Mhlawumbe ngikhuluma esimeni somhobholo lapho engifuna yonke into ibe ngendlela engifisa ngayo. Siyiqembu elisazakha futhi laba badlali benza okusemandleni abo. Ngiyaziqhenya okwamanje,” kuchaza uNcikazi.
Uzakwabo weTTM, uJoel Masutha, uthe kube yibhayisikobho asejwayele ukuyibona lapho bededela igoli umdlalo usanda kuqala bese behluleka ukubuya.
“Kube yinto esihlale yenzeka la, sisheshe singenelwe igoli. Icebo bekuwukuthi sibadonsise kuze kuyiwe ekhefini bengalishayile igoli kodwa saba nebhadi,” kusho uMasutha.
Uthe ukungenelwa yigoli kube yinto enhle njengoba kubavusile emaqandeni.
“Ngemuva kokungenelwa yigoli, sibe sesiqala sidlala kodwa ibhadi lasiphinda sithola ikhadi elibomvu. Nalokho kucishe kwasisiza ngoba sidlale kahle sesishoda. Besilwa. Besibalawula ezindaweni ezithile ezibalulekile zomdlalo. Ukuthi nje uma kungelona usuku lwakho isuke ingekho into ongayenza. Kunebhola abalivimbe seleqa ulayini ngesiwombe sokuqala. Akhona amabili esicishe sawashaya ngesiwombe sesibili kanti elilodwa lawo belizongena ukube besinenhlanhla.
“Manje sekumele samukele, sikhohlwe yilo mphumela bese sibheke ukuthi sizomisa kanjani uma sesidlala neChiefs ngoLwesibili,” kusho uMasutha.